Thina bantu abansundu ngokwemfundiso nokuziphatha, kunezinto ezingenziwa abantu besilisa kanye nabesifazane ngokunjalo. Lezinto sifundiswa zona ebunganeni size sikhule nazo. Kokunye izinto ezifundiswa umakoti uma eyogana njengemiyalo yokuziphatha emendweni. Ngoba kuba yihlazo okunye kwakho uma kwenziwe noma umuntu eziphathe ngendlela ethile. Kulelikhasi, sikubone kukuhle siqale ngezinto okungamelwe zenziwe umakoti noma umlobokazi uma eganile emendweni. Noma singeke sikusho konke ngoba ulwazi engilutholile lufika ngezansi kwamadolo, kodwa ke ngizobala khona engikutholile.
Umakoti umuntu oseganile noma ngithi nje osegcagce ngokuphelele. Uma ke ugcagcile, kunezinto akangazenzi nhlobo la akaganele khona. Okokuqala nje, umakoti akavumelekile ukuthi adle amasi ala akaganele khona enganikiwe, ukunikwa lokhu sizokuchaza kabanzi kwamanye amakhasi ethu, khona lokhu okubizwa ngokunikwa ukhezo.
Umlobokazi akavunyelwe ukuthi athethe ebaleni noma ukuthi amemeze ngoba kumele ahloniphe abadala abangasekho bakulomuzi, kanti ke futhi nengane akayithinti nhlobo ngoswazi uma yonile egcekeni, kepha uphumela nayo ngaphandle uma efuna ukuqondisa izigwegwe.
Ngokwesintu, umakoti akahambi nhlobo egcekeni lubhojozi, kanti fuuthi akahambi ngekhanda ebaleni ngaphandle kwenhloko, umnqwazi noma ke iduku leli. Ngisho endlini kunendlela okuhlalwa ngayo, umakoti akavunyelwe ukuthi ahlale endaweni yabesilisa endlini. Angisayiphathi ke eyokushaya noma ukukhahlela ingcanga egcekeni, akayilokothi nhlobo.
Isintu sihle ngoba wonke umuntu simbeka endaweni yakhe futhi nenhlonipho ayikhethi mabala njengo twayi, omdala uhlonipha omncane, nomncane ngokunjalo. Siselapho nje, umlobokazi akawamisi amanqosho. Kuba yihlazo elikhulu ukuthi umlobokazi anike usokhaya ukumaya eme ngezinyawo, akwenziwa nhlobo. Sesivala nje, umakoti akayishisi impepho emsamo ethethe idlozi, noma izalukazi ziyishisa impepho emsamo uma engekho umuntu wesilisa egcekeni, kodwa ke uhlala ngasemnyango ngaphambi kokuba akhulume emsamo. Ngeke ke ngakulibala nokuthi umlobokazi akalubhadi nhlobo esibayeni sala akaganele khona.
Brief overview
This article is based on the general behaviour of a wedded wife on how she should conduct herself as a bride and with regards to respecting cultural practices amongst Zulu-speaking people. There is a series of to-dos and not-to-dos based on the premise of discipline, respect and honour.