Siyisizwe sikaPhunga noMageba sikhala siyazithulisa ngokulahlekelwa iSilo Samabandla. Kule ngosi sithi qaphu qaphu ngokuzalwa kwakhe. iSilo ogama laso nguKing Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu Zulu. Uzalwe ngonyaka ka 14 Julayi 1948, ezalelwa esifundazweni sakwaZulu eNingizimu neAfrika endaweni yakwaNongoma eHlalankosi. Ubeyinkosana yenkosi uBhekuzulu kaSolomon Zulu kanye nomama wesizwe wesibili uNdlovukazi Thomo. Ekukhuleni kwakhe ube esefunda esikoleni sekhethelo sokufundisa amakhosi esibizwa ngokuthi Bekezulu College of Chiefs, waphinde wafundiswa ngasese. Ekukhuleni kwakhe ukhulele khona emzini wasebukhosini ekhaya kwaKhethomthandayo, lapho abecathula khona emfundisweni yamasiko esintu sikaZulu nendlela yokuziphatha. Kuthe ngonyaka ka-1968 kwabe sekukhothama Ingonyama, kwase kubekwa ibambela elizobheka izindaba zasebukhosini ngalenkathi iSilo sisaqedela izifundo zasesikoleni.
Ngenxa yokugxambukela kombuso kahulumeni ebukhosini bakwaZulu kwaba nezinxushunxushu ikakhulukazi ngodaba oluthinta ukubekwa kwebambela, kepha ngonyaka ka-03 Disemba1971 kwabekwa iSilo ukuba sengamele ubukhosi bakwaZulu. Lapha ke kwabe kungumcimbi wesiZulu owenziwa uma kugcotshwa inkosi ngesiZulu ngokwesiko. Umkhosi wokubekwa kweSilo wawusingathwe abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi amabili. Umthethosisekelo wezwe wenza ukuba ukubekwa kweSilo kube umgubho nje, okuthi amandla aso abe ngaphansi kwesanda somholi wongqongqoshe “Chief Minister” umntwana, Inkosi uMangosuthu Buthelezi wakwaPhindangene.

Sibe sesibheduka ke isiphethu phakathi komtwana uButhelezi kanye naso iSilo, lokhu kubangelwa ukuthi umntwana wayesola iSilo ngokugxambukela ezindabeni zombusazwe (ezepolitiki). Lokhu kwaphetha ngokuthi uhulumeni wakwaZulu ahlongoze ukuthi inkosi ifune imvume ngaphandle kweSishayamthethwa sakwaNongoma phecelezi iNongoma Tribal Authority Area. Akugcinanga lapho, ngonyaka ka-1979 umntwana wakwaButhelezi waphinde wanuka iSilo sakwaZulu ngokuthi umhlanganyelwa nohulumeni wasezweni lase-Mozambique, umntwana waphinde waveza ukuthi amampunge ukusolwa kukahulumeni wakwaZulu ngokusebenzela uhulumeni kazwelonke. ISilo sikhothame sinezindlovukazi eziyisithupha sihlala kwaNongoma. Inkosi yesizwe sakwaZulu ikhothame ngomhlaka-12 Mashi 2021.