Ukuqanjwa Igama Komuzi Womnumzane

Ngokwesintu umuzi bekubalulekile ukuthi uqanjwe igama. Leligama alisilo isibongo noma isithakazelo ekujwayeleke ukuthi imizi ibizwe ngazo. Bekuba khona igama eliqanjwa ngumninimuzi uqobo noma umuntu wesilisa omdala kulelokhaya ekungaba umkhulu njalonjalo. Isikhathi esiningi abantu imizi yabo bayiqamba ngokhokho babo ukuze bakwazi ukuligcina igama emndenini. Umuzi ubungavele uqanjwe nganoma ngubani, bekubhekisiswa ukuthi lowomuntu ubenegalelo elinjani emndenini wakhe nokuthi uyidlozi elinjani. Lokhu abantu babekwenza ngoba benenkolelo yokuthi lowo abaqambe ngaye ikhaya nguye obheke kahle umuzi. Kokunye kwenzeka uma umnuzane enesithembu lokhu okwenza ukuthi umndeni ubemkhulu noma kwenzeke izingane zakhe imizi yazo khona ngasekhaya, lokhu bekugqugquzela ukuqanjwa kwamagama umuzi ngomuzi. Lokhu kwakusiza kakhulu ngoba kwakuthi noma abantu befuna umuzi othile bakwazi ukuwubiza ngegama eliqanjwe ngawo kubelula nakubantu basendaweni ukusiza. Esikhathini sanamuhla sekusetshenziswa izinombolo ukuze umuzi nomuzi waziwe ngokomthetho kahulumeni. 

Iziqalekiso zemindeni
Kuningi okuhambisana nemindeni noma izibongo ezakhele endaweni eyodwa okuhle noma okubi ngoba bacishe bafana nokuthi bayisizwe bebodwa. Umuzi nomuzi unemithetho ophila ngaphansi kwayo njengokuthi kubekwe imithetho yokuziphatha, yokuhlonipha neyokuphila endaweni. Ngokwesibonelo kwakungavumelekile ukuthi abantu abahlobene babenobudlelwane, uma kwenzekile lokhu bekuthathwa njengento embi kangangoba bebedingiswa labo abenze lomkhuba. Lokhu kwakusho ukuthi lowomuntu angeke esazibiza nangesibongo somuzi wakubo, uhamba nalowo wesifazane abadingiswe nabo nezingane bayocela ukukhosela kwesinye isigodi. Nalapha kwakubonakala ukusetshenziswa kwamagama okhokho uma abantu beziqamba izibongo. Konke lokhu kubalulekile ukuthi umndeni wazise amadlozi ngosekwenzekile njengokuthi umuntu othize emndenini usehambile babeke nezizathu naye lowo oxoshiwe akabe esalibiza idlozi lelo. Lokhu kwakwenza imindeni igcine idukelene ngoba abanye abantu babengahlali isikhathi eside endaweni ngenxa yezomiso.

Izinkolelo zabo
Lemindeni noma imizi ibikwazi nokubona izinto ezenzekayo ngenxa yezinkolelo abanazo njengokuthi uma umuntu wesifazane ethole ingane eyisiphiwo noma enesici esibonakalayo yingoba kusuke kwahlangana abantu abahlobene. Lokhu babekubhekisisa noma ngabe abantu labo abaganene babiza izibongo ezingafani babekholelwa ngukuthi kukhona lapho behlobene khona. Okunye abebekholelwa kukho ukuthi uma kwenzekile amakhosikazi omuzi owodwa akhulelwa ngesikhathi esisodwa bebehlukaniswa ngokuthi omunye ahambe ayekovakashela izihlobo abuye esethole umntwana ngoba kwakubalekelwa ukuthi uma kunezingane ezimbili ezilinganayo ekhaya eyodwa yazo iyashona.

Leave a Comment