Ukukhuzela intombi noma ukuyibongela umkhuba wesintu owenziwa yizinsizwa ukuveza ubugagu nentshisekelo ngothando enalo ngentombi. Insizwa isuke ikhuzela nje ngoba isho amagama aphuma kuyo, iwabhekise entombini, noma icule yenzela ukuzincengela entombini ukuthi ilalele lokhu insizwa efuna ukuyisho kuyo.
Lomkhuba wawenziwa kakhulu izinsizwa lapho izintombi ziyotheza noma ziyokha amanzi okwakwenza ukuthi endaweni abantu bazi ukuthi insizwa yakwabani ishela intombi yakwanizibani. Kwakuba yihlazo elikhulu endaweni uma kugcine ukuthi intombi ingayiqomi insizwa. Insizwa lapho ibona khona intombi iya kuyona isizoloza ikhuzela idlisela entombini nakulabo ehamba nayo noma ezimbangini zayo. Ngokuthi isho izici ezinhle ezibona entombini abanye bayakwazi ukubona ukuthi ichaza yiphi intombi ngalesosikhathi. Lokhu kwenza intombi yethuke uma kusawusuku lokuqala ithule ingamphenduli lowo oyikhuzelayo noma ikhophoze omunye kuyenzeka agcwale intukuthelo agcine eselwe nayo insizwa. Ngesinye isikhathi insizwa ikhuzela kuze kuwe ibhakede lamanzi elithwelwe yintombi noma insizwa ifake induku emanzini ethwelwe yintombi khona izowachitha bese bethola ithuba lokuxoxa.
Kwakungafanele ukuthi kuze kufike ezinye izintombi ekhaya eyodwa ingekho, kwakuthi uma seyiwakhelele amanzi ihambe ngokushesha ukuze ingajeziswa ngabadala. Insizwa yayizinika isikhathi uma iyithanda intombi ngoba phela ezikhathini zakudala umuntu wayengaqonywa ngosuku olulodwa njengoba sekwenziwa, futhi intombi yayibuza nakwezinye ngezikwaziyo ngesesheli lokhu kwakuchaza ukuthi intombi isenothando.
Intombi uma isiyithanda insizwa leyo yayibonakala nangokuthi iyiphazamise ngesikhathi isakhuzela mhlawumbe imcele ukuthi akayikhelele iqabunga eliphezulu kunawo wonke, okungachaza ukuthi uma lensizwa ithwele okuthile ekhanda kufanele iyinike intombi leyo noma ithi insizwa ayiyinike iduku elinamachopho amahlanu. Lapho intombi isuke iqonde ukuthi icela ukuxhawula okuwuphawu lokuthi isiyamvuma noma ithi ngicela ujikele ngale kwalelitshe noma kwesihlahla uzofica inyoka uyibambe ngomsila ubuye nayo, uthole ukuthi insizwa ayazi kufanele yenzenjani kanti intombi ichaza ukuthi icela ibhande layo ukuze ikhombise ezinye izintombi ukuthi iseze wehlulwe ngamazwi. Uma insizwa ingakwazi ukuhlaziya lokho okusuke kushiwo intombi iyamyeka aqhubeke nokushela ize isizwe ngabanye ukuthi lezozinto ziqondeni lapho isuke seyiyinhlekisa ezintombini.
Amazwi okuyikhuzela
Gegelagege ntombi zonke ziyakugegela
Akukho ntombi yagana inyamazane sikhona
Thina bakoNgwane omasumpa Nongena bhasikidi uyangen’ emakethe
Nongena nkomo uyayidl’ inyama
Noseyosile akakayidliNoseyidlil’ usedl’ icala
Kusho min’ ichwane leSwati
Ngisho kuwe ngithi qom’ intombi
Ngisho kuwe sithole esihle sakwaGwala
Noma:
Dudlu ntombi
Dudlu madolo kanyoko
Angithuki wena
Ngenziwa wuthando
Mtanomuntu ngisize ngiyathethisw’ ekhaya
Izinkomo zigcwel’ isibaya
Seziswel’ nabelusi
Vuma, vuma
Uth’ uyangithanda
Ukuze siyovusa umuzi wakwethi
Nomam’ akaphekelwa muntu
Kanti neminyaka yakh’ isihambile
By: Nelisiwe Hlongwane