Ngathi sezihubela sakusha endlunkulu ngodaba lokugcotshwa kweSilo sakwa Zulu isilo uMisuzulu. Kuzokhumbuleka ukuthi kusuka sabekwa iSilo esihlalweni sobukhosi baseNdlunkulu besingakaze sigcotshwe ngokuse mthethweni noma nje ngendlela yokubekwa kweSilo esisha. Noma lungakabekwa usuku azogcotshwa ngalo futhi kungekho okuphimiswe khona endlunkulu ngokugcotshwa kwaso iSilo kepha abasiki bebunda sebewu hogelile umoya wokuthi iSilo uMisuzulu uzogcotshwa ngokusemthethweni. Noma isizwe sikaPhunga noMageba singazazi zonke ezase bukhosini ngenxa yokuthi izinto zakhona zenziwa ngobunono ngisho nezinto ezithinta ubukhosi azikhulunyelwa nje esidlangalaleni. Kepha ke kuyajabulisa ukuzwa ukuthi sesi zogcotshwa iSilo, lokhu kuzodlulisa ifu elimnyama elisa lokhu liphezu kuka Zulu nobukhosi bakhe. Sikusho lokhu nje ngoba phela kube indaba isegudwini ukubekwa kwakhe uMisuzulu njengobaba wesizwe emva kokuba kukhothame iSilo uNgangezwe lakhe emva koku dunguzela.

Izingqinamba ezibe khona kubekwa uMisuzulu azivimbanga ukuba abekwe esihlalweni sobukhosi, ngoba phela bekuphoqa ukuthi isizwe sikaZulu sibe nobaba waso ozosihola. Uma igcine ibekiwe inkosi ngokugcotshwa ngokuse mthethweni siyathemba ukuthi lokho kuzokwenza udaba olushisayo lokubangwa kwabo ubukhosi bakwaZulu luphele. Isizwe sidinga indlunkulu ebumbene njenge mbumba, lokho kusho khona ukuthi ubukhosi bethu ngeke bugcine bufane nelotha elilotha emva kwekloba elisuke libasiwe. Kulindelekile ke ukuthi uma sekugcotshwa isilo kube umcimbi omkhulu kanti namabutho kulindeleke ukuthi agcwale phama kulomcimbi. Kuzokhumbuleka ukuthi ngisho sibekwa iSilo uMisuzulu wayephahlwe iwona amabutho kaZulu.
Brief Overview
It is has been reported in different media and social media outlets that there is a planned coronation ceremony with regards to Misuzulu enacted as a Zulu official king. It is a cultural practice to have a ceremony conducted to honour and coronate a new Zulu king. Even though there has been no official announcement from the royal family with regards to the ceremony, there is a public expectation that it will be done sooner rather than later.