Ukugcotshwa kweSilo uMisuzulu

Ngathi sezihubela sakusha endlunkulu ngodaba lokugcotshwa kweSilo sakwa Zulu isilo uMisuzulu. Kuzokhumbuleka ukuthi kusuka sabekwa iSilo esihlalweni sobukhosi baseNdlunkulu besingakaze sigcotshwe ngokuse mthethweni noma nje ngendlela yokubekwa kweSilo esisha. Noma lungakabekwa usuku azogcotshwa ngalo futhi kungekho okuphimiswe khona endlunkulu ngokugcotshwa kwaso iSilo kepha abasiki bebunda sebewu hogelile umoya wokuthi iSilo uMisuzulu uzogcotshwa ngokusemthethweni. Noma isizwe … Read more

Iqembu leNkatha neNdlunkulu yakwaZulu

Ngomhlaka 01 Novemba 2021 kuvotelwa ohulumeni basekhaya. Ukuvota lokhu kusho ukuthi amaqembu kumele aphume abhukule njengamaphisi eya enqineni ukunxenxa abantu kanye nemphakathi ukuthi bavotele amaqembu awo. Kulokhu ke kwenzeke okungajwayelekile kakhulu ngenkathi iqembu le-Inkatha Freedom Party lisebenzisa indlunkulu yakwaZulu ukunxenxa abantu ukuthi bavotele iqembu okhethweni lwakusasa. Kube nezikhalo ezinkulu kanye nokuhlukana kwemibono kubantu besizwe samaZulu … Read more

Ukubekwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini

Sekuphinde kwasa nakithi KwaZulu, laphuma lazidela ilanga lakhanyisa ubumnyama obebusisengethe thina kwalokoza nethemba lekusasa eliqhakazile. Isimbuliwe ingubo emnyama ebesiyembathile njengoba sesibekiwe iSilo njengoba besilahlekelwe ubaba wesizwe emuva kokudunguzela kwaso iSilo Samabandla, uNgangezwe lakhe. Sithe sisazilele ukubekwa kweSilo kwabe sekubekwa ibambela ngoba phela isizwe sikaPhunga noMageba besingeke sihlale singenamqaphi sibe umhlambi kazelusile. Esikhundleni sebambela bekubekwe uNdlunkulu … Read more