Noma yimuphi umuzi omusha owakhiwe ngokwesintu kufanele ubikwe emadlozini ngoba asuke engawazi. Amadlozi yiwona avikela umuzi noma umndeni ezitheni nasemikhuhlaneni alethe nokuthula ekhaya, ngaphandle kwawo kunenkolelo yokuthi lelokhaya alikho. Amadlozi angabanikazi bekhaya kanye nabo bonke abahlezi kulo, ngakho-ke umuzi ongabikiwe kwabalele ulengela engozini enkulu.
Amalungiselelo okubika umuzi
Kugaywa utshwala besintu obungumgogodla wanoma yiliphi isiko. Kuqokwa usuku umsebenzi ozokwenziwa ngalo bese kuthengwa noma kuthathwe imbuzi esibayeni. KumaZulu kubayimbuzi nenkomo, noma nenkukhu kuphela hhayi imvu negusha. Imbuzi iqokwa ngenxa yephunga layo elinukela abalele kamnandi kanye nokukhala kwayo ngesikhathi inqunywa kusho ukuthi umsebenzi awuhambe kahle uma ingakhalanga kusho ukuthi umsebenzi awuhambanga kahle. Kumele ilale ekhaya imbuzi ekuzobikwa ngayo umuzi emadlozini ayibone ingathi ifika ibe inqunywa bese kuthi ngakusasa ngezithuba zantambama inqunywe. Kushiswa impepho emsamo ngaphambi kokuba uyinqume bese ubaba wekhaya noma omdala wasekhaya athethe noma akhulume nabaphansi, izidalwa, noma izinyanya noma izithutha zomuzi azibikele ngokwenziwayo.
Ngobunono ebathakazela ecela ukuba bamemane bazodla lembuzi yabo baphuze notshwala babo. Ngalesisikhathi imbuzi ihogela impepho isinganqunywa, ihlinzwe bese iphanyekwa kahle phezulu emsamo sekukhishiwe okwangaphakathi. Inyongo nenanzi nomswane kubekwa kahle ukuze kungaweli ezandleni ezingalungile ngoba lokho kungawona wonke umsebenzi. Konke okwangaphakathi kuphekwa ngalelolanga kusale amathumbu netwani okudinga kuwashwe bese kuphekwa kudliwe ngakusasa. Emsamo lapho kushiselwa khona impepho kubekwa ukhamba olunotshwala umamsamo, ibhodlela lotshwala besilungu obumhlophe nobhiya, ugwayi wesintu nokunye nje okwaziwayo emndenini ukuthi babekuthanda. Umnikazi womuzi angafaka isiphandla sesikhumba noma senyongo, kuya ngokuthanda kwakhe. Isiphandla sikhishwa ngasohlangothini lwesokudla oluphambili lwembuzi.
Ngelanga lomsebenzi
Kuphekwa ukudla, amadombolo nenyama kudliwe kuphuzwe notshwala. Izinsipho zotshwala besintu zifafazwa endlini naphezu kwendlu nasegcekeni. Kwenzelwa abaphansi badle. Amathambo ayagadwa angalahlwa abuyiselwa emsamo ayoshiswa kubekhona nokhamba lotshwala lwesintu ngemuva kwesikhathi esingangesonto umsebenzi wenziwe. Umamsamo awuphuzwa ngalelolanga uze uphele umsebenzi ukuze baphuze kahle bengajahile. Awuphuzwa izingane, uphuzwa abadala, izalukazi namakhehla. Kunenkolelo yokuthi abantu abasebancane abaphuze umamsamo bayaphupha izinto zabo zingabahambeli kahle bagcine bengelutho empilweni. Inanzi nempundu nayo ayidliwa izingane kodwa idliwa izalukazi namakhehla ngoba izingane ziyophupha futhi zikhohlwe. Inyongo ichelwa emnyango nasemsamo ekhaya lalowomuzi osuke wenzelwa umsebenzi ngokosiko lesintu.
Source: V.C.M. Gumede. 1997. Masidle Ngoludala. Print O Fine Press
By: Bongiwe Ndlovu
Thokoza mkhulu/gogo ndisacela ukubuza ke mna ndingowasemaMpondweni ndingenza kanjani ukuthola indlela kwenziwa ngayo ngakithi?
Ngisacela ukwazi la Uma uqala wenza amalungiselelo okubika umuzi uwenzela kuphi ekhaya elikhulu Noma khona lapho sewakhe khona? Ngibuzela ephuzwini lomqombothi nokuhlatshwa kwembuzi ihlatshelwaphi?
Utshwa bugaywa emzini omusha, kushiswa impepho emzini omdala.
Nami ngicela kunezela kulombuzo…ngingowesifazane oshade ngokwesilungu l9na wesizula angikowenze kodwa sithenge muzi omusha.sifuna kuwubika kumele siye khaya elukhulu noma singenza kuwona lona wethu omusha
ngisacela ukubuza ingaba kuyinkinga ukukhalisa umsakazo ngelanga lomsebenzi wokubika umuzi omusha
IsiZulu sithi kuxokozela abantu ekhaya makunomsebenzi hhayi umsindo womsakazo.
Ngicela ukubuza akuhlatshwa lutho ekhaya la uphuma khona usuyovula omunye umuzi yonke into uyenzela emzini omusha?
Kuya ngamandla akho, ungahlaba noma ungahlabi.
Thokoza Mkhulu/Gogo ngicela ukuthi nizame ìndlela yokuthi umakwenzeka never ne ndawo or consultation rooms where we will physically ask and talk to you for more information about our whereabouts (imvelaphi nehlela yokwenza isintu sethu ngokuphelele
Thokozani
Siyabonga ungasithola kule namba 0792988846.
Ngicela ukubuza ngami mina ngizalelwe komalume manje sengino muzi angazi ukuthi kufanelwe ngiwubike kanjani futhi angishadile
Kumele uwubike njengowasekhaya konyoko ngoba awukaphumi khona. Funda lapha ukuthola olunye ulwazi https://www.ulwaziprogramme.org/ilongwe/
Thokozani Mkhulu/Gogop
Ngibonga impendulo yakho phambilini
Ngathokoza kakhulu
I’m not good in writing iSizulu I grown-up at my Maternal grandfather learning sotho Please allow me to write in english
I Bought a house in Joburg but I like and live my Zulu culture and tradition as is in my blood
In my resident I build a room that chose it for my uMsamo but since 2004 until present I’m living in this house never present it to my Great ancestors
My Queestion is, can I practice uMsamo rituals in that Sacred room I choose before ngibika umuzi
what must I do first is to ukubika umuzi vs ukufaka abadala ekhaya then start rituals in umsamo
Abazali bam abasekho bonke ekhaya kwa Baba kuse Bergville eThintwa what to do okwedlozi nesintu.sakithi Ineed help futhi ngumuntu wa bantu abadala
Thokozani Bogogo Please Help
Ngibingelele ebukhosini Mina angisenalo ikhaya ngingakwenza konke lokhu kulomuzi omusha
Yebo ungakwenza konke.