Ukwabiwa Kwefa Ngendlela Efanele
Ukwabiwa kwefa kuyinto ebalulekile emndenini noma imuphi. Ifa yilapho kusuke kuhlukaniswa ngokulingana noma ngokushiwo umnikazi womuzi izimpahla zasekhaya njengemfuyo njalonjalo. Kwakubalulekile ukuthi umnumzane uma enemfuyo ukuthi ayabe esaphila ukuthi izosala nobani ekhaya ukuze kungabi nezingxabano nemibango.
Okubalulekile ukuthi ezikhathini eziningi ikakhulukazi ezakudala kwakubalulekile ukuthi umndeni uthole ingane noma izingane zabafana. Kwakunenkolelo yokuthi ingane yomfana izovusa umuzi, ikhaya liqhubeke. Lapha sizobheka ukuthi ifa lakwenye indlu akufanele lidliwe kwenye indlu. Kusuke kukhulunywa ngabantu abaganele esithenjini, njengokuthi athole izingane zamantombazane kanye nezabafana, kodwa kwenzeke athole kuqala izingane zamantombazane. Zikhule izingane kuze kufike lesikhathi sokuthi sezifike kulesigaba sokukhula ukuthi sekumele zigane. Ezikhathini zakudala kwakuyichilo ukuthi intombi itholele umntwana ekhaya, yayigana iyotholela abantwana emzini wayo. Njengokujwayelekile uma intombi igana kuyalotsholwa ngezinkomo.
Umuntu uyaye alotsholelwe kubo lapho ezalwa khona, okuchaza ukuthi uma oganayo ezalwa ngunkosikazi ophakathi noma omncane izinkomo zizoya kuleyondlu. Izinkomo zazigcinwa noma zazifuywa kahle umndeni futhi kwakuvumelekile ukuthi zingasetshenziswa uma kunesidingo, njengokuthi uma sekufika isikhathi lapho ingane yomfana isifike esigabeni sokuthi ingaganwa kwakuthathwa kuzo izinkomo zikadadewabo alobole ngazo unkosikazi wakhe ngezinkomo zasendlini kwabo.
Kwakwenzeka kwesinye isikhathi uthole ukuthi mhlawumbe unkosikazi omdala ngezimo ezithile akasathandeki emzini mhlawumbe indoda ize ifune ukumxosha ngesinye isikhathi ahambe emzini aphindele kubo. Kuyothi sekulotsholwa izingane zakhe zamantombazane kwenzeke indoda ingamniki umama wengane ngisho inkomo kanina, idle nonkosikazi wayo lo esuke isihlala naye. Kuthi uma ingane kamnakwenu ifuna ukugana ithathe izinkomo zakho ilobole unkosikazi wayo. Kuthi uma sekufanele kuthathe ingane yakho izilobolele ngamandla ayo ngoba azisekho izinkomo zakubo.
Ngokosiko kuqala kulotsholelwa ingane yokuqala ekhaya uma isifuna ukuthatha imakoti. Uma ekhaya kukhona izinkomo kuzothathwa zona alotsholelwe ngazo. Ngemuva kwalokho sekungacatshangelwa omunye omncane wakwenye indlu uma imindeni izwana futhi isivumelene ukuthi alotshelelwe naye owakwenye indlu. Kubalulekile kakhulu ukuthi imindeni ethintekayo ixhumane ngokungafihleni lutho ukuze konke kuhambe kahle. Uma kungazange kuxhunywane ngokusetshenziswa kwemfuyo yomunye kuba nomthelela omubi enganeni leyo. Izinto ezifana nalezi zihlanganisa namadlozi okuyiwo agcina eseshaya lowo olobolile njengokuthi angabi nazo nhlobo izingane. Ngoba ubulungiswa buyadingeka ukuthi kwenziwe uma kunezinkinga ezinjalo.
Ziningi izinto ezenzekayo esithenjini, njengokuthi kwesinye isikhathi uma indoda kwenzeka ishona noma idlula emhlabeni. Unkosikazi omdala uzolandwa naye azilele indoda yakhe noma ngabe yayisimxoshile kodwa bengahlukanisa usangunkosikazi ngokwesiko. Kuyothi uma sekuqediwe ukungcwatshwa kuyoba khona umhlangano womndeni lapho inkosikazi noma inkosana iyothatha izinkomo zendlu yakwabo ngoba ifa lakwenye indlu akwazeki ukuthi lidliwe kwenye indlu. Noma ngabe kwaba nengxabano phakathi kwalabo ababili ababeganene. Umuntu akakwazi ukuzithathela impahla yomunye ngaphandle kokumbikela.
English Summary
This article looks at how livestock is accumulated and divided in a polygamous marriage. Each wife has her own kraal and they accumulate their livestock when their children are at the stage when they are ready to get married and ilobolo is paid. The cattle go to the relevant house or family. Even when circumstances force parents to separate no one should take from another house to fulfil obligations of another house without consulting the relevant person.
By: Nqobile Mdabe