I-Tulsi Plant
Izinkolelo kanye nendabuko yosiko akungabazeki ukuthi kumelelwa indlela ababona ngayo imvelo kanye nendlela abaziphatha ngayo. EThekwini cishe yonke imizi yamaHindu ine i-Tulsi noma i-Indian Basil plant. Ukubaluleka kwesitshalo i-Tulsi kusekwelapheni kwaso kanye nenkolelo eyaqhutshwa abokufika baseNdiya eThekwini mayelana nesitshalo sobunkulunkulu. Ivamise ukuzumuka ezindaweni ezishisayo nezifudumele. Itshalwa ngaphandle kwekhaya futhi ikhulekelwa ekuseni lapho ilanga liphuma nakusihlwa lapho ilanga lishona. Abazinikeleyo bavame ukunisela lesi sitshalo njengobabesuke bethandaza ngokuphindaphinda amazwi angcwele. Ama-Mantras ukubizwa kwamagama kankulunkulu ngobuHindu. Njengoba lesi sitshalo sithathwa njenge sonkulunkulu, abesifazane uma beya esikhathini abavunyelwe ukusondela eduze kwaso. Kunezinhlobo ezimbili zesitshalo, i-Tulsi emnyama kanye ne-Tulsi ekhanyayo edume ngozokwelapha. Igama ebizwa ngalo etshwalweni itshalo se-Tulsi i-ocimum tenuiflorum noma i-ocimum sanctum, i-Basil engcwele.

Inkolelo ngesitshalo se-Tulsi
AmaHindu adumisa isitshalo se-Tulsi njengo Goddess Lakshmi, unkosikazi kaLord Vishnu uMdali. Phakathi nemithandazo noma i-pooja njengoba kubhekiselwa kuyo ngolimi lwesiHindu, banikela ngamahlamvu e-Tulsi ezinyaweni zikaVishnu, njengoba kusho ukunikela ngothando. Unkulunkulu uLakshmi ungunkosikazi kaVishnu ngakho-ke umnikelo wamaqabunga e-Tulsi uwumnikelo wothando. Kukhona futhi umlando wesitshalo se-Tulsi; ukuthi lesi sitshalo empeleni sasiyindodakazi yenkosi ekuzalweni kwayo kwangaphambilini eyayihlanya futhi imthandana ngempela uLord Krishna ewayevele enkosikazi. Inkosikazi yaqalekisa inkosazana kwathi ngenxa yesiqalekiso inkosazana yaphenduka isitshalo. Ukubaluleka kwe-Tulsi kuphinde kuvezwe endabeni eyodwa, lapho uLord Krishna yalinganiswa khona ngegolide, ngisho nobucwebe buka nkosikazi wakhe bonke abukwazanga ukudlula Yena, kuze kube yilapho i-Tulsi ibekwe kwesinye isikali. Ethempelini i-Hare Krishna e-Chatsworth, eningizimu yeTheku kunezitshalo ze-Tulsi ezibekwe ngaphandle futhi zikhonzwa ngokuniselwa kwesitshalo nsuku zonke.
Ukwelapha kanye nokuba umuthi kwesitshalo i-Tulsi
Isitshalo se-Tulsi siphinde sibe nezinto eziningi zokwelapha ngaphandle kwezimpawu zaso zenkolo, okusenza silungele ukukhonzwa ingoba sinamandla okwelapha. Izincezu ezivela emaqabungeni e-Tulsi zisetshenziswa emithini yendabuko ye-Ayurvedic yomkhuhlane ojwayelekile, ikhanda elibuhlungu, izinkinga zesisu kanye nezinkinga zenhliziyo. Ijusi yamaqabunga ayo isetshenziselwa ukwelapha ukukhwehlela, amakhaza, ikhanda, isisu, ukuvuvukala nezinye izifo. Isitshalo se-Tulsi siphinde sinciphise incindezi, sithuthukise amandla, sikhuthaze umzimba onempilo futhi sisiza amasosha omzimba ngokwemvelo. Isitshalo se-Tulsi siphinde siyasetshenziswa ukuxosha imiyane namagciwane. Ukuthi isitshalo se-Tulsi kukholelwa ukuthi siyikhambi lezokwelapha elivela kumdali noma cha, sisathatha njengesibalulekile senkolo yamaHindu.
Ibhalwe uYoveshnie Pillay