Ukudliwa kwephaphu lenkomo – Umdlalo womdabu

UMnumzane B Nzuza waKwaThayela, Maphumulo uthi iphaphu lingesinye sezitho zangaphakathi senkomo esisondele enhliziyweni. Ngokwesiko lamaZulu, le ngxenye yanikezwa abafana abelusayo ukuba bayidle uma kuhlatshwe inkomo.

Okuqukethwe

  1. Umuntu okukhulunywe naye
  2. Ngubani odlala lomdlalo?
  3. Yini esetshenziswayo ukudlala lomdlalo?
  4. Udlalwa nini lomdlalo?
  5. Udlalwa kuphi lomdlalo?
  6. Udlalwa kanjani lomdlalo? 
  7. Umthombo

Umuntu okukhulunywe naye

Umcwaningi ukhulume noMnumzane B Nzuza onikeze incazelo ngenqubo elandelwayo yokudla le nyama.

Ngubani odlala lomdlalo?

Lomdlalo wawuvulekele bonke abafana bendawo ezungeze ikhaya lapho kwahlatshwa khona inkomo.

Yini esetshenziswayo ukudlala lomdlalo?

Abafana bazothatha iphaphu ekhaya lapho kwahlatshwa khona inkomo. Umfana ngamunye uzoletha izinduku zakhe ezimbili.

Udlalwa nini lomdlalo?

Lomdlalo wenzeka noma yinini lapho kuhlatshwe inkomo.

Udlalwa kuphi lomdlalo?

Iphaphu lidliwa egqumeni. Abafana bakhetha indawo lapho sebethole iphaphu.

Udlalwa kanjani lomdlalo?

Emini abafana baya ekhaya lapho kuhlatshwe khona inkomo. Banikezwa iphaphu bese banikezwa okunye emadlelweni. Bakhetha indawo enhle bese bebasa umlilo wokosa inyama yabo. Iphaphu livame ukuhlangana nenhliziyo yenkomo. Inhliziyo  inamafutha athe xaxa asuswa ngaphambi kokosa futhi osiwa ekugcineni.

Bonke abafana bahlanganyela iphaphu, ngisho nabancane. Amafutha enhliziyo bagcina ngawo. La mafutha azokwesekwa ngenduku bese kumenyezelwa ukuthi ozodla lokhu kuzofanele kube nguyena ozethembayo futhi ozikholelwa ukuthi unamandla kunabo bonke abafana. Lo muntu ubengahlwitha amanoni enhliziyo kanti abanye abafana bazomhlasela ngezinduku zabo. Engalwa futhi kwesinye isikhathi ahluleke ukuzivikela ngoba bonke bamhlasela ngasikhathi sinye. Uma ephumelela ukuvikela amagalelo abo bese ehlasela emuva futhi anqobe lapho-ke udla amanoni enhliziyo futhi amukelwe njengomfana oyiqhawe.

Lapho sebeqedile ukudla babe sebenza izidididi zempi bese bezakhela udumo. Lapho bebuyela ekhaya bacula izingoma zempi bese beqhubeka njengebutho. Bacula bethi, “Hamba mdayi siye kithi, sibulal’ izwe lamankengane, Awu —- wu! Awu —- wu! ”. Bazoqhubeka baze bangene esibayeni. Esibayeni kuba nabesilisa abadala abadla ikhanda lenkomo. Ube uzwe-ke abadala bencoma amadodana abo ngezincomo ezifana nokuthi, “Shebeleza wemashebeleza Nsimbi edla ezinye”. (Kukhishwe ku-N W Mvume – UDW).

Abafana bazothatha indawo yabo maqondana nabantu abadala esibayeni. Lapho sebehleli phansi, babeqala ukwenza ama-antics empi. Amadoda azokhuthaza abafana ngokuqhubeka nokubaculela. Abafana babe sebenikwa inyama ephekiwe ebandakanya ikhala nodebe lwenkomo oluthathwa njengenyama yomfana.

Umthombo

Kusuka kuziqu zeMasters esenziwe nguVictoria Mkhize weSikole SesiZulu, eNyuvesi YaKwaZulu-Natali Iqondiswa ngoSolwazi uP.J. Zungu noV. Prabhakaran.

Leave a Comment