Uchakide

Kwasukasukela…
Cosi!
Kwakukhona!
Sayipheka ngogoswane ibhodwe elincane umancishane

Emandulo izilwane zisakhuluma kwakukhona uchakide ezihlalela yedwa kwakhe. UChakide wayejwayele ukuthi uma eqeda ukudla alale, kodwa njalo wayevuka eselambile. UChakide waba nokusola ukuthi kukhona omnyonyobelayo uma elele, amvule esiswini adle ngoba wayengazi ukuthi kushonaphi uma kungathathwanga muntu. Ngelinye ilanga waxoxela umngane wakhe ngalodaba. Umngane wakhe wathi naye akazi ukuthi ukudla kushonaphi. Waqhubekela phambili uChakide nokubika lenkinga waze wabikela uKhalulu. UKhalulu wambonisa ngokuthi kufanele alale ephethe iwisa noma elibeke eceleni kwakhe, ukuze akwazi ukuthi ahlasele lokho okuthatha ukudla kwakhe.

Nangempela uChakide wabuyela ekyhaya ejabulile ehamba ecula yedwa. Wafika ekhaya wadla washaya esentwala njengenjwayelo wathi uma esefikelwa ubuthongo wasukuma wavala umnyango, wathatha iwisa lakhe walibeka eceleni kwakhe walala emise amadolo. Kuthe esalele waphaphama, wavula ihlo elilodwa wabona kancane idolo lakhe washo ngenhliziyo ngize ngimbambe lofeleba ongincela ukudla esiswini ngivuke sengilambile. Wathatha iwisa lakhe washaya lento ayecabanga ukuthi uyayibona kanti usezishaya yena idolo. Wezwakala ekhala kakhulu, kwenanela nemihosha. Wayengakwazi nokuvuka phansi nezinhlungu sezimphethe wasizwa abamuzwa ekhala.

Cosi! Cosi!Yaphela

English summary
Once upon a time there was a mongoose living alone. Mongoose use to just eat and sleep.  Every time when he wakes up he felt very hungry. He started to get worried and suspected that someone was stealing his food while he was sleeping. One day he decided to consult his friends about the matter. His friend said he was not sure what could be the cause of that. Until Mongoose met the Rabbit and told him about his problem.

The Rabbit advised him to keep his knobkerrie next to him before falling asleep just incase he catches the person who is eating his food. The Mongoose went home very happy and as usual ate and when he was starting to fall asleep remembered the Rabbit’s advise and he closed the door, with his knobkerrie next to him he fell asleep. He suddenly woke up, opening one eye he saw something suspicious next to his stomach and he was happy that he caught the thief. The Mongoose took his knobkerrie and aimed and hit very hard. That is when he realised he was hitting his knee because he was lying on his back. His friends came to his rescue after hearing him screaming.   

By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Comment