Kwasukasukela!
Kwakukhona intombazane enhle, yabe iyindodakazi yenkosi. Yabe ithandwa kakhulu nguyise, yayinezimpelesi ezaziyigada ziphinde ziyenzele konke ekufunayo. Lezizimpelesi kwakungamantombazane, amanye awo ayenomona.
Intombazane yenkosi yayihlala esigodlweni, kwakuthi uma seyithomba ihambe iyokha ibovu emphandwini owawusehlathini. Umphandu kwabe kungumgodi omkhulu owabe usehlathini. Lwafika usuku lokuthi uBuhlaluse ahambe aye kokha ibovu. Bamthatha ababezohamba naye kanye nezinye izintombi bangena indlela. Bafika ehlathini ezinye izintombi zangena naye ezinye zasala ngaphandle.
Lezi ezasala ngaphandle zakha uzungu lokuthi abulawe uBuhlaluse ngoba zazinomona. Zavumelana ngokuthi akagqitshwe emgodini webovu. Nangempela benzenjalo, bathe sebemgqibile bavumelana ngokuthi bazothi udliwe isilwane esibi, bathatha izingubo zakhe bazigcoba ngegazi legundane bazidabula. Bafika ekhaya basho njengoba bebevumelene.
Kwasuka esikhulu isililo emzini wenkosi, kwaqalwa kwazilwa. Kuthe sekudlule izinsukwana kwasuka indoda yaya kogawula ehlathini lapho kwakuye khona izintombi. Ithe isagawule kabili yezwa umuntu ecula ethi, “Wemuntu ogawulayo ungikhonzele kubaba nomama, usho ukuthi uBuhlaluse bamgqibe emphandwini webovu.” Yasondela indoda yalalelisisa yabe seyimbona ephakathi emgodini yabe isimkhipha. Wabe esenciphile emzimbeni ngoba wayesenesikhathi engadli.
Indoda yamthatha yagoduka naye eseyichazelile ukuthi kwenzekeni. Amantombazane afihlelwa ukuthi uBuhlaluse utholakele. Inkosi yabe isinquma usuku okuzongcwatshwa ngalo uBuhlaluse kodwa kwakuzofihlwa izingubo kuphela ngoba yena wayedliwe isilwane sasendle. Kuthe ngalolosuku zabizwa zonke izintombi ezazikhona ngelanga lokukhiwa kwebovu.
Zithe zisahleli lezozintombi nenkosi nesizwe sonke waqhamuka uBuhlaluse esemuhle kakhulu kwazise wayehlezi endlini engaphumeli emnyango, zashawa uvalo izintombi. Wabe eseyixoxa yonke indaba yakhe uBuhlaluse. Inkosi yathi emabuthweni azibulawe zonke lezozintombi ezazinenhliziyo embi. Zafa kanjalo izintombi ezazinomona.
Cosu cosu yaphela!
English Summary
Long time ago there was a girl, her name was Buhlaluse and she was from the royal family. Her father loved her very much and he hired some maidens to look after her, some were good but some were jealous. It was customary that when the Chief’s daughter was on her periods she had to go to the forest and fetch red soil. The maidens had to accompany her. So the day came and the maidens and Buhlaluse went to the forest.
When they arrived in the forest other maidens went with the girl and others waited for them. The ones that were waiting were those who didn’t like the girl so they made a plan of killing the girl. They came up with an idea of how they will kill Buhlaluse. They decided to bury her in the huge hole where they were fetching the red soil. And they would tell the chief that a wild animal ate her. So they agreed to proceed with their plan and told other maidens to go home they will take care of the girl.
They buried the girl alive and when they arrived at home they told the chief that Buhlaluse was eaten by the wild animals, only the clothes were left with blood stains. The chief and the whole clan were very sad and they started to mourn for Buhlaluse. One day, a man from went to fetch wood from the forest where Buhlaluse was buried. He heard a singing voice which was coming from far while he was chopping the wood. He stopped and listened carefully, the voice continued and it said, “Please give my regards to my mother and father, and tell them that they buried me in the red soil hole”.
The man came closer and he saw Buhlaluse and he pulled her out. The man asked her what happened, she told the man everything. The man carried her and returned home with her. The chief was very happy to see his daughter again. On the day the chief was going to bury his daughter’s clothes he invited everybody to come, including the maidens. The chief asked his daughter to come out, the maidens were surprised to see Buhlaluse because they thought she was dead.
The chief asked her to share her news with the whole clan. So the chief decided that the maidens should be killed for trying to kill the only daughter he had.
The end!