UBlanche Moila, ongumhlengikazi wezifo zengqondo ngokomsebenzi, wazalwa ngomhlaka 31 Januwari 1957 e-Pietersburg. Uthando lwakhe lokugijima luqale eThekwini. UBlanche Moila waba ngumgijimi wokuqala omnyama wesifazane ukuklonyeliswa nge-Springbok colours. Umele iNingizimu Afrika emazweni omhlaba. Kuphelile ama-Comrades Marathons ayi-7. Uthole indondo yeSiliva ngo-2005.
UDokotela Shorty Moolla, oyi-Registrar at a Psychiatric Hospital ehlabeke umxhwele ngesitayela sokugijima sikaBlanche sakumenza agijime ngokuncintisana. UMoila ubencintisana isizwe sonke, ngokugijima u-1500m, 3000m, 5 000m 10 000m, marathons nama-ultra-marathons. Wathola imibala i-Springbokcolours for cross country ngo-1984 kanye ne-Natal colours nge-1500m, 3000m kanye ne-1000m.
Ngesikhathi enza umsebenzi wakhe wokugijima ubephethe amarekhodi ezifundazwe emijahweni ka-1000m, 1500m, 5000m, 10000m, 16km ne-21km. Ngo-1997 wabamba iqhaza kwi-World Veterans Championship eyayibanjelwe eThekwini.
Uqede endaweni yesibili ku-marathon, owesihlanu ezweni eliwela . Ngo-2005 uBlanche wathola indondo yesiliva ku-Comrades Marathon. UBlanche Moila uke wathola umklomelo we-Presidential Sports Award for Lifetime Sports Achievement (2001) kanye ne-Shoprite Checkers Woman of the Year Award ngo-2002. Njengamanje uBlanche uyilungu lebhodi le-Athletics South Africa.
UBlanche Moila njengamanje ungu-Senior Registered Nurse Psychiatry eMnyangweni Wezempilo e-KZN kanye nelungu lekhomishini ye-KZN Athletes.