“UBabes uBabes uBabes uBabes Wodumo” le ngenye yezindlela ayezazisa ngayo uBabes uma esezocula. UBabes Wodumo ogama lakhe uBongekile Simelane intokazi yaseLamontville, eyazalwa mhlaka 26 Mashi 1994. Ngaphambi kukuba abe “owodumo” uBabes ukhuliswe ubaba wakhe owumfundisi Rev Welcome Simelane benodadewabo uNonduh Simelane. Njengengane yomfundisi abazali babengayithakaseli uyokuba umculi wezobumnandi babefisa afunde abe uSonhlalakahle bebona uthando lokusiza abantu emphakathini kakhulu abantu abadala. Ukhule ngendlela ejwayelekile ethanda ukudansa, ukucula, ezimidllo nebhola lezinyawo.
UBabes uqale ukuduma ngemuva kwempumelelo yeculo lakhe elithi “Wololo” alikhipha noMampintsha kanye neDistruction Boyz eladuma kakhulu ngo-2016. Lengoma yaqopha umlando ngokuhamba phambili ku-YouTube ifika ku-2million wababukeli ezinyangeni ezintathu yakhishwa. Ingoma ethi “Wololo” yaba nomthelela omkhulu kwisasa leGqom, yaba kwi- album kaBabes yokuqala esihloko Gqom Queen. Lokhu kwamvulela amathubeni amahle, ingoma Wololo yaba yinxenye yamaculo kwifilimu i-Black Panther, uBabes waphinda waba yinxenye yengoma ethi “Redemption” enye yezingoma ze-Black Panther eyadidiyelwa uKendrick Lamar.
IGqom Queen, elinye igama azithwesa lona, iphinde idume ngokudansa kangangokuba ungumnikazi futhi uphethe i-West Ink Dance Academy lapho afundisa izingane ukuze zizosuka emgwaqeni. Ubekhipha izingoma ngazodwa kuleminyaka edlule. Ngo-2020 uBabes ukhiphe i-albhamu yakhe yesibili esihloko “idandokazi” nengoma ehamba phambili ethi “eLamont“.
Owodumo usesebenze nabaculi abahlukene singabala DJ Tira, Cassper Nyovest, DJ Sox, Madanon, Mampintsha ongasali ezingomeni zaBabes kanye nabanye. Izingoma zikaBabes ziba nesasa kubathandi beGqom lokhu kwenza wasohlwini lwama-Awards ahlukene selokhu aqala ukuduma kepha agcine engawinanga. Lokhu kuke kwasusa imibono eyahlukene ngama-Awards aseMzansi asikhathini esidlule. Kepha ke useke wawina kuma Dance Music Awards ngo2017 kanye naku South African Gqom Awards ngo-2019.
UBabes kusukela aqala ukuduma kwezomculo ubenobudlelwano noMandla “Mampintsha” Maphumulo owaqala njengemenenja yakhe. Ubudlelwano balabaculi bulandelwe izigameko eziningi okwenza abantu abaningi kwezokuxhumana bangabuthakasela. Kepha kuthiwa eyababili ayingenwa ngoba enyangeni edlule (Ephreli) babeshada ngokwesintu.
Article summary
This article details the biography of Babes Wodumo, whose real name is Bongekile Simelane. Her fame came after her song titled “Wololo“, released in 2016, which set the foundation for her music career as it hit 2 million viewers on YouTube in three months. The song also featured on the Black Panther soundtrack. A self-proclaimed Gqom queen, Babes is also known for her dance and has recently tied the knot with her long-term boyfriend Mampintsha.