Isidwaba sikaMakoti
Uma kudlule umakoti ekhaya noma umama obeganile, uyaye agqokiswe isidwaba sakhe. Uma umakoti egqokiswa isidwaba kuhlatshwa imbuzi kushiswe nempepho. Kubikwa kwabadala ukuthi kuzogqokiswa umakoti walayikhaya ongasekho isidwaba, okuyinqubamgomo ngoba uma kuzoba khona umcimbi wesintu ekhaya kubekwa kwabadala kuqala. Uma kugqokiswa umakoti ongasekho isidwaba kuhlatshwa inkomo yokumugeza kuqala. Uma isihlatshiwe lenkomo ilala usuku olulodwa, ngakusasa ivuke … Read more