Imithi Yemfuyo
Imithi yemfuyo Isizwe samaZulu sikholelwa kakhulu emfuyweni, uma ungumnumzane ongafuyile awuhlonipheki kangako emphakathini. Ukufuya lokhu ngokunye kwezinto ezitshengisa amandla omnumzane noma usokhaya ekhaya. Ukufuya lokhu kusho lukhulu kumaZulu, njengoba imfuyo isetshenziselwa izinto eziningi, ngengokuhlaba uma kunomcimbi, ukulobola, kanye nokuhlawula, uma sibala izinto ezimbalwa. Nayo ke imfuyo kunemithi ethile esetshenziswayo, isetshenziselwa yona ukulapha egulayo, ukuyandisa imfuyo … Read more