Kusadliwa Ngoludala Ngezikhathi ZikaKhisimusi

Ukukhulela emakhaya bese kuba nezohlobo ezindaweni ezisemadolobheni njengaseThekwini umuntu esakhula kwakuyinto eyidumela ngoba kwakwaziwa ukuthi uma sekuyizikhathi zamaholidi sizohamba siyovakashela izihlobo zethu. Kwabaningi lokhu kwakufana nento enkulu empela. Ngokwesintu kubalulekile ukuthi nivakashele izihlobo zenu, thina sasivakeshela komalume lapho kuzalwa khona umama kakhulu. Kuyayekuthiwe siyodla amasi ngoba phela kwakwaziwa ukuthi uma umuntu eya komalume kumele afike … Read more

Ingxoxo noMnumzane Ndwandwe ngokusetshenziswa kwemali yakudala

Sibe nengxoxo noMnu Ndwandwe oneminyaka engu-82 ubudala owazalelwa endaweni yaseMpangeni kodwa osehlala endaweni yaseMalangeni eMpumalanga Township. Ingxoxo yethu ibimayelana nokuqala kokusetshenziswa kwemali yakudala ngabantu abamnyama. Imali yakudala yayaziwa ngopondo, otiki, openi nosheleni njalonjalo. Okwathi ngeminyaka yawo 1960 yase ishintshwa uhulumeni wangalesosikhathi yaba ngamarandi. UBaba uNdwandwe ubalule ukuthi waqala ukubona imali esawumfana omncane elusa amathole. Uthi … Read more