Nonhlanhla Myeza Family History

Nonhlanhla Myeza uMkhulu wami kwakungu Howard Bhekephi Myeza owayezalwa nguMfanisa Myeza. Wayezalwa intombi yakwa Maphumulo eyabizwa ngokuthi uMavakashi wasesigodini saseThafeni eTshehlophe. UMavakashi owayezalwa intombi yakwaNtuli uBazoyaphi esigodini sakwaNdaya eMbo. Ezalwa insizwa yaseThenjani uMvikelwa Maphumulo. UMvikelwa ezalwa nguMpikayise Maphumulo noBakhalelani Ndlovu esigodini saseNsongosi khona Embo. UHoward wayesezala uBajabulile, Kwazikwakhe noBongiwe. Mina ngizalwa nguBongiwe, unezingane ezintathu. UBajabulile unezingane ezimbili uSnenhlanhla noThenjiwe. UKwazikwakhe wayemdala. uBhekephi wayeganene noMaMbatha owayaziwa ngoManene abanye bethi uMyeza. UManene wayezalwa nguMayiweni Khwela beno Mjabulelwa Nene. UMayiweni wayezalwa nguMfanuzodlani Khwela beno Thabethe.

Sisadla ngoludala kwaMyeza
Kuqala kwakumnandi ngoba intombi yayazi ukuthi kumele iziphathe kanjani futhi kwakunomehluko ngendlela abantu ababegqoka ngayo. Izintombi zaziphathwa ngamantombazane ayesekhulile ayebizwa ngokuthi ngamaqhikiza. Ngisho uma uzoqoma insizwa yayidlula kulelezintombi ezindala. Futhi uma intombi iqoma yayinika insizwa ucu. Futhi insizwa yayimisa iduku uma isiqonyiwe. Ezikhathini zakudala kwakudliwa ukudla okunomsoco ngoba sasikutshala thina siphinde sikuvune sasikudla kusakusha kuphuma emhlabathini. Uma sidinga okugayiwe sasizenzela thina njengesistambu kwakomiswa umbila bese ufakwa esigqulweni, ugqulwe.

Ngisho izingubo zakhona zazihlukile ngoba sasigqoka okwesintu ngoba omama babegqoka izidwaba obaba begqoka amabheshu konke lokho babezenzela bona lezozinto futhi sasingekho ezindlekweni uma umuntu wesifazane ekhulelwe wayengayi ngisho ekilinikhi lokhu okhuthiwa ukuxukuza manje umuntu wayekhulelwanje futhi aze abelethe. Ebelethele ekhaya engakaze ayekodokotela abelwethiswe omama basendaweni ababebelethisa abantu. Futhi izingane zazingakaze kuthiwe ziyogonywa fhuthi zaziphila kahle. Zonke izinto zaziphutha phansi nezifo zazingeningi kakhulu nje nga namhlanje.futhi nemibhende yayi ngekho kwalalwa oncansani noma esikhumbheni omanzi ekhgiwa emfule ekhina ngezimbuza uma kuzophekwa kwakuyiwa Ehlanzeni koyofuwa izinkuni phecelezi ukutheza. Futhi kwakulotsholwa ngezi nkomo ezihamba ngezinyawo zazishawa zigcele isibaya futhi kudala kwakungaliwa ngezibhamu kwaku liwa ngezi nduku nange mboko nemikhonto nalokho sasizakhela.

Futhi kwakuphuzwa umqombothi nawo sasizakhele wawungayi estolo uyothenga kakungalalwa embhedeni kwakulalwa ocansini noma esikhumbeni futhi kwaku lotsholwa ngezi nkomo ezihamba ngezinyawo zigcwale izi baya.

Izithakazelo zakwaMyeza
Myeza,
Ndimbane;
Mpangela;
Mzukwaze;
Msani wathwalwa ngezinyanda
Madlokovu
Zulu wena owena owakhumula ingane encane iphenti awu ushangelo
Ezaka Maphumulo Mashimane;
Zikede;
Zulu;
Zukuzela;
Mathala ngezipho abanye bebhala ngepensela ninaboma shimane abathula ngomusungulu wesela wohola

Leave a Comment