Izinyoka (Ingxenye I)

Noma indlela okuphilwa ngayo isihluke kakhulu kunasemandulo njengoba sekuphilwa ngendlela yesilungu, futhi abaningi sebehlala khona esilungwini, iqiniso elingephikiswe lithi abantu abaningi basahlala ezindaweni zasemakhaya futhi basaphila ngendlela yesintu. Izindawo zasemakhaya zinone ngemvelo kanye nemfuyo njengoba kukhona neziqiwu zezilwane kwezinye izindawo zasemakhaya.

Ukuhlala ezindaweni zasemakhaya njengaseHlanzeni kanye naseNkangala kusifundisa lukhulu ngemvelo kanye nezilwane zasendle, okungabalwa kuzo izinhlobo zezinyoni, imisebenzi yezimpaphe zazo kanye nezinhlobo ezithile zezinyoka okungabalwa kuzo eziyingozi kanye nezingenawo ushevu. Ngithi nje ngemvume enginikwe yona ukuloba kulelikhasi, ake ngibeke itshe esivivaneni ngiphawule ngazo izinyoka ngolwazana oluyisicethe nami enginalo mayelana nalezilwanyana.

Izinyoka ezingeyona ingozi

Isiquzi  le yinyoka encane, ethanda ukuba nsundu ngokombala wayo, uma ibona umuntu iyabaleka.

Iciwu – lenyoka ayimulumi nhlobo umuntu, idume ngokubika inhlanhla kumuntu othuke wazithela kuyo. Ikuhlaza ngokombala.

UMdlume – nayo lenyoka enye engenangozi kodwa uma ikubonile igijima ize kuwe, ikugige izinyawo kodwa ke lutho ukuluma noma ukushaya.

UMhlangwe – le nyoka kubikwa ukuthi ayisiyo ingozi, kodwa ke uma ingene ekhaya ibika okubi. Ngokombala iluhuqu ifana nenhlabathi.

UMhlwazimamba – lenyoka inde njengayo imamba futhi ifana naye nangokombala kodwa ke umehluko ukuthi yona ayinabungozi.

UZwambuzwambu – yona ke imbunga ngokumdala ngokombala, ifana nenja engenamazinyo ngoba ayinabungozi nhlobo.

INungu – inungu limahlafahlafa ngokombala nalo alilumi.

Ngengoba kulelikhasi besithi qaphuqaphu ngezinyoka ezingayona ingozi kubantu noma emfuyweni, kwingxenye yesibili elandelayo sizoqhuba sibheke izinyoka eziyingozi kanye nemibala yazo. Kuhle ngikubeke obala ukuthi ezinye zezinyoka ezotholakala endaweni yasenkangala azifani nezitholakala ehlanzeni.

Brief Overview

Rural areas are filled with untainted nature, where wild animals such as birds and snakes are found.This is part one of the article distinguishes between the harmful snakes found in rural areas as well as the non-harmful ones to human beings and animals.

2 thoughts on “Izinyoka (Ingxenye I)”

Leave a Comment