Izinkolelo Ngokukhishwa Kwebhadi Kumuntu Oshonelwe Ngohlekisana Naye

Kunezinkolelo eziningi ezihlanganiswa nokugezwa noma nokukhishwa kwesinyama uma kukhona umuntu odlule emhlabeni. Lapha sibheka inkolelo yokukhishwa kwebhadi uma kudlule emhlabeni umuntu obengumaqondana noma obethandana nomunye okungaba ngabashadile noma abebengakashadi. Lokhu okuchazwe lapha ngezansi ibheke kulabo abasezingeni lokuthi basengagana. Njengenjwayelo ziningi izigaba ekudlulwa kuzona emindenini ngokuhlukana kwayo uma kukade kushoniwe ekhaya. Lezigaba ziyefana kwabesifazane nabesilisa.

Izikhathi zokuzila ziyehluka kubantu kuya ngokuthi umuntu ubeshadile noma ubengashadile nalowo osedlule emhlabeni. Okunye ukuthi umuntu wesifazane kulindeleke ukuthi azile isikhathi eside kunaleso esibekelwe umuntu wesilisa. Kuthiwa lokhu kwakwenziwa ngoba abantu besilisa abakwazi ukuzithiba kanti abanye bathi yingoba abantu besilisa badinga ukunakekelwa yingakho kubalulekile ukuthi basheshe badlule kulesimo.

Lenkolelo noma inkoleloze esikhuluma ngayo lapha kuthiwa kwakufanele umuntu adlule kuyona noma ikanjani ukugwema ukushonelwa ngumaqondana futhi. Zimbili izigaba ezibekiwe kulokhu.

Esokuqala ukuthi kufanele umuntu ageze ngezintelezi zesintu ukususa isithunzi salowo odlulile emhlabeni. Isigaba sesibili esokuthi kufanele ahlangane noma alale nomuntu nje ukususa isithunzi noma ibhadi emzimbeni. Lowomuntu akufanele aphinde ahlangane naye ngokocansi futhi. Lokhu kufanele kwenziwe emini ilanga libalele ngoba kufanele kwenziwe isikhathi esisodwa. Uma kwenziwa ebusuku kuningi okungase kwenzeke okungafanele. Ezikhathini zakudala izifo eziningi zazingekho njenganamuhla okwakwenza ukuthi kuthiwe kubalulekile ukuthi kulalwe ngaphandle kwezivikela. Kuthiwa lowo okunguye okhipha isinyama kubalulekile ukuthi konke akwenze ngokushesha njengokukhipha okungaphakathi kuqala. Uma eseqedile kufanele ayeke ngalesosikhathi amshiye lowo noma azenzise ngokuthi uzwa izinhlungu.

Okubalulekile ukuthi lowo muntu osuke enzelwe uzungu lokwenza lokhu usuke engazi lutho ngalomkhuba. Yena usuke ezishelele intombi noma intombi ikhombise izimpawu zokuthanda insizwa ngezinhloso ezaziwa yiyona yodwa. Konke lokhu kwenzeka uma sekuzophela isikhathi sokuzila. Lokhu kuthiwa kwenziwa ngoba kubalekelwa ukuthi umuntu lona ongasekho emhlabeni angahluphi osele uma eseqhubeke nempilo. Kuthiwa ziningi izinkinga ezazenzeka uma umuntu engadlulanga kulezigaba, njengokuthi umuntu ongasekho wayekwazi ukulala nophilayo ukudala ingxabano noma ahlasele lowo osethathe indawo yakhe aze ashone bese endaweni umuntu aziwe njengoshonelwayo.

Kuthiwa kuyenzeka lowo obe yisisulu salokhu kuhambe kuhambe avelelwe yizinkinga afune usizo kwababonayo abamtshelayo okwenzeka kuyena. Lokhu kwakudala ukungezwani phakathi kwabantu, yingakho kwakugqugquzelwa ukuthi umuntu akalale nohlanya ngoba lona alunandaba nalutho. Umkhokha walomkhuba uyaqhubekela phambili nakubanye abantu abazohlangana nalowo owabayisisulu. Lokhu kuholele ekutheni wonke umuntu othintekayo azigeze ukukhipha lelibhadi.

Lokhu bekwenziwa ezikhathini zasemandulo ngenxa yokuthi kwakunesiko lokungenana emndenini. Ngesinye isikhathi uthole umuntu etshelwa ngabadala basemndenini ukuthi sekuyisikhathi sokwenza lokhu ngoba babelwazi ulaka lwabaphansi. Ngezinye izikhathi yibona ababemtholela umuntu wokwenza lokhu. Endaweni abantu abazilile bebeqashelwa kakhulu ngoba kwakwaziwa ukuthi bazokwenza lomkhuba. Abanye bebebanjwa baze bahlawuliswe uma kutholakale ukuthi umuntu ulale nomuntu ongaphilanga ekhanda ngoba uzozwakala elokhu embiza ukuthi abaphinde abakwenza. Ngokuhlawula bebekwazi ukuthi balaphe lowo othintekayo. Yayize ingenwe nangamakhosi nezinduna zendawo lenkinga.

By: Nelisiwe Hlongwane

9 thoughts on “Izinkolelo Ngokukhishwa Kwebhadi Kumuntu Oshonelwe Ngohlekisana Naye”

  1. kunzima ukwenza lonto kum kodwa ndiyabona ngathi kunyanzelekile indoda indishiye ndina 4 month esiswini andaz umntanm uzokhula kanjan engamazi utata wakhe

    Reply
  2. Ngiyabonga manje mina esengishonelwe kabili nigasizakala kanjani…ngoba ngifisa ukuthatha njalo bengilokhe ngidinga usizo ncedani

    Reply
  3. Ngidinga ukwazi ukuthi ngiyakwazi yini ukuzigeza mina noma ngiphuze ama Kgekgesha uma ngiye kwi funeral ye ex yami

    Reply
  4. Uyakwaz yini ukulala nomuntu wesilisa osebudlela lwaneni naye oshonelwe umawakhe ongakakhumuli inzila kamah wakhe?

    Reply

Leave a Comment