IsiZulu nezilimi ezihlobene

IsiZulu saziwa njengolwimi olukhulunywa yiningi eNingizimu Afrika kepha alikhulunywa kulelizwe kuphela. Ngonyaka wesi-1914, eYurophu bawuhlukanisa umuhlaba wase-Afrika ngokuthanda kwabo base benza amazwe anjengoMozambhikhi, Zimbabwe, Nayijeriya, eSenegali nokunye. Ngakho ke, abantu abakhuluma ulwimi olufanayo uvamise ukubabona behlukene besemazweni ahlukene; njengabantu abakhuluma isiSwahili, isizwe esisodwa kodwa sihlukaniswe ngalamazwe enziwa ngonyaka wesi-1914 eYurophu. NesiZulu namaZulu ngokunjalo. Bakhona abakhuluma isiZulu eMozambhikhi bese kuba khona abakhuluma ulwimi ekuthiwa yisiNgoni (fanisa: isiZulu emandulo sasaziwa njengesiNguni) koThanzaniya, Malawi, eMozambhikhi naseZambhiya.

Izilimi eziphuma esiZul’wini:-

IsiNdebele

IsiNgoni

IsiShangane

 

IsiZulu sikhulunywa ngabantu abayizigidi eziyishumi nambili eNingizimu Afrika. Izilimi zesiNguni zinokufana, kushuthi kulula ukuthi umSwati acoshe isiNdebele njengolwimi lwesibili. Abantu abakhuluma izilimi zesiNguni kwake kwathiwa bafika ezigidini ezingamashumi amabili, ngakho ke, kungaba lula ukuthi isibalo sabantu sebebonke abasikhuluma njengolwimi lokuqala nolwesibili bafika kuzo izigidi ezingamashumi amabili.

Leave a Comment