Isipini tophu

Isipini tophu umdlalo odlalwa kakhulu ngabafana kodwa kwezinye izindawo namantombazane ayawudlala. Lomdlalo udlalwa abantu ababili noma ngaphezulu. Uma uzodlala lomdlalo kufanele ube nesipini tophu, nentambo ephothiwe ubude bayo buba yimitha noma ngaphansi. Esikhathini sakudala abafana babezakhela okuthi akufane nesipinithophu kodwa futhi siyatholaka nasezitolo ngemali elinganiselwa e-R1,50.

Okunye okuqaphelekayo ngaso ukuthi ngesikhathi sakudala zazakhiwa ngokhuni kodwa manje sekukhona esakhiwe ngeplasitiki, lesoke asiwenzi umdlalo ubemnandi ngoba asihlephuki kalula. Ukwenzela ukuthi uzikomelise ngephekha yaleso osiqobhile. Kwakuba umklomelo omkhulu ebafaneni uma bekwazile ukuhlephula ithophi yomuntu abaqhudelana naye. Lomdlalo ububi bawo ukuthi umuntu ongenayo ithophu akakwazi ukudlala.

Contents

1 Ukudlala isipinithophi
2 Indawo yokudlalela
3 Imithetho yalomdlalo

Ukudlala isipinithophi
Uma sesidlalwa sithandelwa ngentambo ephothiwe bese siphonswa phansi. Ngesikhathi besiphonsa phansi kufanele  sipine. Kunamagama noma amatemu asetshenziswa ngabafana uma bedlala lomdlala njengokugqojwa. Lokhu kusho ukuthi ngesikhathi sipina esakho isipinithophu kukhona okwazile ukusishaya saphumela ngaphandle kwendilinga eniyidwebe phansi. Kunelinye abathi ukuvuthela lokhu kusho ukuthi usishaya kakhulu isipinithophu sakhu phansi. Elinye bathi ukugidla noma ukulala kusho ukufaka isipinithophu sakho endilingeni ekudlalelwa kuyo, kanye nelithi ukukhotha. Ukukhotha ukusicosha ngentambo phansi bese usinqaka emoyeni. Inhloso yokugqobha noma ukuphula isipinithophu somunye umuntu usuke efuna kwaziwe ukuthi uyingqwele kulomdlalo. Akasikhokhi esalowo ohleshukelwe. Kukhona nodwafu, udwafu yilapho umuntu ethi uyagqobha kwenzeke sivele sihlale phansi isipinithophi singanyakazi. Lowo kufanele agidle bese abanye beyazama ukumgqobha njalonjalo.

Indawo yokudlalela
Lomdlalo udlalelwa endaweni eyisihlabathi evulekile noma eyishashalazi. Kudwetshwa phansi indilinga emhlabathini bese kubekwa ukhuni olufishane olungalinganiswa nomunwe. Inhloso yokubeka lelipulangwe noma ukhuni ukuthi kube yilo abaqala ngalo ukuligqobha ngoba wonke umuntu usuke esaqala ukudlala. Kufuneka bonke bazame ukugqobha ukhuni luze luphume endilingeni bese beyaqhubeka nokudlala kugqojwa kubuye kukhothwe njalonjalo. Kuneculo lakhona eliculwayo uma kukhona okungabonakalanga kahle ngesikhathi bekhotha ukuthi ubani okhothe kuqala, noma besibambe kanyekanye.

Lihamba kanje:
1 magoqa, magoqa 2
Lindela, lindela 3 ziyaja

Ngesikhathi liqalwa iculo kufanele bonke abadlalayo balalele ngoba iculo liyabayalela ekufanele bakwenze labo ekusuke kubhekisiswa kubona ukuthi kuhambe kanjani umdlalo.

Imithetho yalomdlalo
– Isipinithophi asipiniselwa ngaphandle kwendilingeni,
– Akugqojwa ngaphandle kwendilinga,
– Akuvumelekile ukuthi ushiye umdlalo ungabikile,
– Awuhambi usagidlile
– Uma ugidlile awusibhekisi phezulu isipini top.

Written By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Comment