Isikhangiso seDemocratic Alliance

Isikhathi sokuvotela ohulumeni basekhaya ezweni lonke eNingizimu Afrika. Akekho ongazi ukuthi uma sekuvotwa wonke amaqembu ngoku hlukahlukana kwawo avuka azibuthe akhankasele ukuvotelwa abantu ukuze aphathe. Imikhankaso lena yokunxenxa abantu ukuthu bavotele lawo maqembu iqhutshwa phambili ngisho kumisakazo, amaphephandaba kanye nezinye izikhangiso khona abantu bezobona ukuthi obani okumele babavotivele. Okuhle ngendaba yemikhankaso nezikhangiso ukuthi amaqembu asuke efuna kubonakale ukuthi obani ababaqokele ukuthi babe ngabaholi okusho ukuthi kuba lula kulaba abavotayo ukuthi bavotele abantu ababaziyo nemisebenzi yabo. Njengoba izikhangiso ziyinsakavukela kuhle komchilo wesidwaba zigcwele amadolobha, ezinye ziphanyekwe emgwaqeni kanye nasezi motweni. Akuhlalanga kahle kwabaNsundu indaba yesikhangiso seqembu leDemocratic Alliance (DA) ebesiphanyekwe ePhoenix bude buduze nedolobha eThekwini. Lesikhangiso besibhalwe ukuthi “The ANC called you racists, The DA calls you heroes”.

Lesi sikhangiso silumela nje kwabamnyama kufanele, ngoba phela siphuma emuva kokuba kushona abantu abamnyama abaningi ePhoenix bebulawa abohlanga lwaseNdiya ngesikhathi kune “Looting”. Lendawo yase Phoenix ibe undabamlonyeni ngisho emsakazweni nakumabonakude bekukhulunywa ngayo. Kukhalwa ngokuthi emuva kweminyaka lelizwe lathola inkululeko ngaphansi kohulumeni wobandlululo kodwa namanje kusenezimo ezifana nalesi sakulendawo ezigqugquzela udweshu nempi yobuhlanga. Okukhalise abantu kakhulu ngendaba yalesi khangiso seDA ukuthi kuyabonakala ukuthi liyiqembu elingabamukeli kahle hle abantu abamnyama. Naphambilini kuzokhumbuleka ukuthi kube khona izinsolo zokuthi leli qembu liyabandlulula kubantu abamnyama yize linabo abaholi abamnyama. Kungumsebenzi wawo amaqembu epolitiki ukuthi ahlanganise abantu bezinhlanga ezahlukene njengoba phela kuyizinhlangano zabantu nemphakathi.

Brief overview

The Democratic Alliance political party has once again found itself in controversy. This comes after the party placed posters in Phoenix that seemed to condone people’s reactions to the recent looting, in July 2021.