Kunzima ngisho ukuthenga isinkwa

Isimo sobudlobongela, ukuntshontsha nokushiswa kwezitolo kanye nezindawo zamabhizinisi esiqale ngeSonto ebusuku esifundazweni KwaZulu Natal saze sathelela naseGoli sesibe nomthelela omubi kubahlali balezi zifundazwe.

Ziningi izitolo kanye nezindawo zokugcina impala ezigqekeziwe kwantshontshwa izimpala. Amabhizinisi amancane nawo awasindanga kuloluthuthuva lokuhlaselwa kwezitolo, amaTuck shop emalokishini nawo abenenkinga efanayo. Izitolo zabokufika kuleli zithathwele izimpahla ama-container ashiywa omile, izitolo zomphakathi ezinye zivalile, ezingavaliwe azinampahla sekunzima nokuthola isinkwa. Isimo sibukeka sisazoba nzima kakhulu njengoba kusazothatha isikhathi ukuthi ukulungiswe umonakalo odalwe udlame lokuntshontshwa kwempahla.

Njengoba izitolo ezinkulu ezinjengo Pick n Pay, Woolworths, Game, Spar kanye nezinye ezihlaselwe zivalilwe kunzima ukuthola i-groceries. Lokhu kunothelela kubathengi kanye nasekusebenzeni kwezitolo ezincane emphakathi njengoba nazo azikwazi ukuthengela ukudayisa. Enye iTuck shop idayisa isinkwa ngo-R25, uma ebuzwa umnikazi wesitolo ukuthi sase sibiza kangaka uthi naye usithenga ngo-R20 eBakery.

Nakuba zikhona izitolo ezisebenzayo ezindaweni ezahlukene ezingathintekanga kepha nakuzo impala iyaphela ngenxa yokuthi izitolo zimbalwa abantu baningi.

Kubukeka kusazoba nzima ukuthola izidingo ezitolo njengoba izitolo ezisebenzayo zincane kanti kusenjalo nokungena kwabantu ezitolo kumele balandele imigomi yeCovid 19 njengoba izwe lisaqhubeka nokuba ku level 4, lokhu kugcina kwenza abantu beme isikhathi eside oolayili bokungena ngaphakathi ezitolo.

Article Summary

The looting and violence that has taken place in KwaZulu Natal and also lead to Gauteng has a bad a impact on communities. Small businesses such a Tuck shops in township face the same fate as the big retail companies. Now it hard to even buy bread as many stores are closed down. The cost of bread is now R25 in other local shops around townships. This is a difficult time for most people as everyone is affected by this looting that destroyed many businesses.

Leave a Comment