Izindawo zasemaphandleni zinodedangendlale bezindawo zokulima. Iningi labantu basemaphandleni basaziphilisa ngokudla abakulimile ukuxosha ikati eziko. Izitshalo eziningi zilinywa ngesikhathi sasehlobo ngoba kusuke kulindeleke ukuthi kube nezimvula ukuze ukudla kukhule kahle emasimini. Kuningi okungasahambi kahle njengokuthi isivuno asisesihle ngenxa yesimo sezulu esiguquguqukayo.
Ezindaweni zasemaphandleni uma kuqala inyanga kaNcwaba wonke umuntu usuke elungisa amageja akhe kuthi labo abalima ngezinkomo nabo basuke sebezilungiselela ukungena zigabavule emasimini ngoba phela lisuke izulu seliqalile ukuletha imvula. Kodwa okuphawulekayo ukuthi kuleminyaka ambalwa edlule imvula ayisani ngokujwayelekile. Abantu bayazazi izikhathi lapho isuke isingalindelwa khona kodwa ingabikhona. Lokhu kwenzeka iningi labantu selilimile ngoba akekho owaziyo ukuthi ikusasa lisiphatheleni. Izinga lokushisa kwelanga linyuke kakhulu nomoya omkhulu nawo ukhona. Kuyenzeka line izulu kuthi ngemuva kwezimvula kuqale umoya omkhulu owomisa ngokushesha inhlabathi.
Amadumbe ngesinye sezitshalo okuyisona okuqalwa ngaso uma kutshalwa futhi adinga amanzi amaningi kunezinye izitshalo. Amadumbe ayanakekelwa kakhulu okwedlula ezinye izitshalo kanti adinga umhlabathi omningi kanye namanzi ukuze amile ngokukhululeka. Ayakhubazeka kodwa uma imvula ingani ngokwenele agcina engamilanga kahle.
Uma kuqhathaniswa isikhathi sakudala nesamanje ngokwesimo sezulu, ngesikhathi sakudala isimo sezulu besisihle ngoba bekuthi noma kunemvula kodwa kungabi nemvula egcina isibulala kodwa yayibathokozisa abantu ngoba babazi ukuthi kuzohluma abakutshalile emasimini. Kwakuthi noma lina kube yimvula ilingene hhayi njengoba sekwenzeka manje imvula ine isikhathi esingangesonto imvula enkulu, lokhu kuyazibulala izitshalo. Izitshalo nazo ziyawudinga umoya wokuziphilisa kodwa esikhathini sanamuhla umoya ubamkhulu kakhulu lokhu okugcina kukhubaza ukudla ikakhulukazi uma uhambisana nesifudumezi.
Ukushintsha kwesimo sezulu kudalwa izinto eziningi ezehlukene esingabala ukungcola komhlaba noma komoya, isibonelo izindawo zokukhiqiza (amafemu) ezikhipha umoya ongalungile kubantu kanye nasezitshalweni. Ingakho kubalulekile ukuthi abantu bafundiswe ngokunakekele umhlaba.
English Summary
Climate change has negative effects on the lives of rural people who depend on farming for their daily food. Most families in rural areas have a piece of land that they use to plough on. Summer is the main season of farming because of the rain during this season. For the past few years rural people are suffering because of change in the weather patterns their crops are not growing well because of the drought and sometimes heavy rains. They can’t use water from their rivers because it is also getting dry and the livestock is suffering. The changes in weather have seen these communities suffering from heavy rains and winds and this has resulted in most people not ploughing because some think it’s a waste of time because of the change in the weather patterns.
By: Zanele Shange