Imidwebo kuYusuf Dadoo Street

Uma ungumuntu ojwayele ukuhamba edolobheni eThekwini ngemoto noma ngezinyawo kukancane ukuthi ungangzyibona imidwebo noma izithombe eziso dongweni olukhulu olukwi mpambana mgwaqo phakathi kukaDr Yusuf Dadoo kanye noMonty Naicker. Phela lemidwebo nezithombe isentshonalanga yedolobha laseThekwini, okusho ukuthi uma ungena eThekwini uqhamuka ngaseMakethe uyayibona lemidwebo nezithombe. Ziba sodongeni olukhulu, okuqaphelelekayo ngazo ukuthi ziyashintshwa ngokuhamba kwesikhathi nangoku guquko kwezimo zezinto ezenzeka ebukhosini. Kusanda kutshalwa iSilo sakwaZulu inkosi uZwelithini, loludonga kwakufakwe kulo izithombe zamakhosi akwaZulu ngokulandelana kwawo.

Kanti ke kuthe sekukhankaselwa ukuvota, kwafakwa izithombe zeqembu elibusayo eNingizimu Afrika i-African National Congress. Kusuka sekudlule isasasa lokuvota, sekuphinde kwashintsha izithombe ezifakiwe zaleli qembu kwase kufakwa izithombe zoSodolobha balelidolobha. LaboSodolobha kusukela kowokuqala kuhulumeni wenkululeko uMnumnzane Obed Mlaba, kulandele uMnu James Nxumalo, kube umama uZandile Gumede, bese kugcina ngoMnu Kaunda okunguyena uSodolobha osahleli esikhundleni.

Osodolobha base Thekwini baphambilini nabamanje

ITheku idolobha elihanjelwa izivakashi zamazwe ngamazwe ngokuhlukana kwawo. Ingakho kukuhle ukubona umlando walo uvezelwe abantu ngayo imidwebo kanye nezithombe. Njengazo lezithombe zamavulandlela oSodolobha abamnyama baseThekwini. Njengaye ubaba Obed Mlaba owaba nguSodolobha wokuqala omnyama ngemva kokuba izwelethu lithole inkululeko. Nakho ukuthi kuvezwe umlando wobukhosi bakwaZulu kuhle ngoba intsha esencane ayazi ngabo futhi nasezifundweni ezikoleni awufakiwe umlando ophelele ngobukhosi bakwaZulu. Noma kungaziwa ukuthi ikuphi okulandelayo okuzofakwa kulolubonda kepha okuthembisayo ukuthi siyazi kufakwa izinto eziwumlando wedolobha. Lokhu sithemba ukuthi kuzoba yinto eqhubekayo engami.

Brief overview

Kwa-Zulu Natal and Durban have had many leaders from traditional and political settings. The park at the Yusuf Dadoo and Monty Naicker interchange in Durban City presents the public with the chance to revisit the history of former leaders. Previously the park had pictures of the former Zulu Kings which have now been replaced with former eThekwini Municipality mayors.

Leave a Comment