IGoolgoola amagwinya aseNdiya

Usiko

IGoolgoola isidlo esimnandi saseNdiya esenziwa ngesikhathi somthandazo futhi sisebenza njengomnikelo. Yenziwala ikakhulukazi lezio zinsuku. Kuwo wonke amakhaya amaHindu aseThekwini umuntu wayehlale ezwa iphunga leGoolgoola, iyintandokazi kusukela kudala yenziwa abesifazane ngobunono/hlanzeka. Isetshenziswa njengomnikelo bese inikezwa abantu ngamaphasela. Yenziwa ngevaadas okuwumkhuleko wamaNdiya odliwayo owenziwe ngamalentil nezinongo. Ingathengwa nasezindaweni zokudlela ezifana neGujarat encane neVictory Lounge eThekwini. Imikhiqizo emikhulu yeGoolgoolas yaziwa ngokuthi iNgunia ijwayelekile emphakathini wabantu eThekwini futhi idayiswa emigwaqweni.

Iresiphi

Izithako

  • 500 g ufulawa we-self raising
  • 5 ml i-cardamon powder
  • 200ml kakhukhunathi ohluziwe (desiccated coconut)
  • 800ml ubisi olubandayo
  • 2ml usawoti
  • 250 ml ushukela
  • 50ml ama-raisins (kuya ngokuthanda)
  • Amafutha okuthosa

Indlela yokwenza

Hlanganisa ufulawa, usawoti kanye ne-cardamon powder ndawonye. Bese wengeza ushukela, ukhukhunathi nama-raisins ndawonye uxube.
Hlanganisa izithako nobisi ukuze wenze inhlama ewugqinsi. Shisisa amafutha epanini lokuthosa bese ufaka ithisipuni yenhlama epanini. Thosa imizuzu engu-5 -10 umilo ube phakathi nendawo kuze kube yindilinga, kuqine futhi kube nsundu sagolide.
Khmama kahle amafutha ngephepha elithambile lasekhishini. Yenza idazini.

Ibhalwe: Yoveshine Pillay

1 thought on “IGoolgoola amagwinya aseNdiya”

  1. Angikuthokozeli mina ukwaziswa ngomlando wamandiya since kusanesiganeko esisanda kwenzeka esimbi kubulawa abantu bakithi e Phoenix Amandine,till the issue is resolve awuyibambe cde ngokusisakazela umlando nobuciko or cigogo kwasendiya,perhaps let’s Talk about Linda Nzama,Nduduzi Msomi, Cunirc Ndlovu, Skhumbuzo Ndaba and all other comrades who contributed positively kubantu.

    Thanks

    Reply

Leave a Comment