Idolobha laseThekwini idolobha ilehlobe kakhulu ngezizwe ezahlukene kanye namasiko azo. Kahle kahle nje singasho nje ukuthi indawo yaseThekwini ingenye yezindawo zokuvakashelwa uma ungumuntu othanda izinto nokufunda ngezinye izinhlanga kanye nendlela eziphila ngayo. Uma ukuleli dolobha singasho nje ukuthi indawo enhle kakhulu uma ungumuntu othanda ukudla nokwazi ngokuhla okuhlukile kwezinhlanga ezihlukene. Abohlanga lwaseNdiya banezinhlobonhlobo zokudla kwabo kwesintu sabo. Lapha singabala iBunny Chow yodumo no Samoosa njalonjalo okungukudla kwabo. Ukudla kwabo bakwenza kube mnandi ngezinhlobo ezahlukene zokunonga ukudla kwabo njengo curry abahlukene ngoba phela ucurry uqhamuka khona kwelaseNdiya. Ziningi izithako ezithakwa uma kuphekwa iBunny Chow.

Izithako
- Umlenze owodwa wenkuhu esikiwe
- Uhhafu wenkomishi yamafutha
- 2-3 wamaqabunga wama-curry leaves
- 1 iSpuni minced ginger
- 1 isipuni seminced garlic
- 1 isipuni sika curry
- 1 anyanisi diced
- 2 utamatisi diced
- 1 induku ye cinnamon
- Uhhafu wesipuni sika paprika
- 03 cardomom akuhlaza acutshunguliwe
- 8 amazambane acwecwiwe
- Uphisi owomiwe
- Sawoti kanye no pepper
Uma usuzihlanganisile lezithako, ushisisa ipani lokupheka ngamafutha, ufake anyanisi, kulandele ugalic, ginger kanye necinnamon. Kube sekulandele ama curry leaves, kube ama cardamon pord kanye no curry powder okuhlanganiswa ndawonye imizuzu emithathu uze ube sakuvuthwa anyanisi. Emva kwalokho kufakwa utamatisi kulandele ngenkukhu eqotshiwe, bese kuyagovuzwa kube imizuzu emithathu, uma lishisa kakhulu ipani bese uthe ukufaka amanzi kancane. Kube sekulandeliswa ngo chickpeas, kanye namazambane. Konke lokhu kuyabiliswa ngemizuzwana engamashumi amabili nesihlanu bese kupholiswa imizuzwana. Bese kufakwa usawoti, upepper bese kuyagovuzwa ngokulingana. Uma konke lokhu sekulungile, kusikwa isinkwa phakathi nendawo, sikhishwe kancane ingxenye yaso, bese kufakwa kusona isishebo lesi izithako zaso esingenhla akade siphekwa.
Brief overview
Durban is a multiracial city and, as such, offers different cultural cuisine specials offered by each culture. In this article, we briefly discuss how a famous Indian cuisine is cooked.