
source: Amandla Durban
Ukwakhiwa kwalesi sakhiwo kwaphothukwa cishe eminyakeni eyikhulu edlule futhi ngenxa yalokhu ukube siwumuntu ngabe siwufakazi oqanda ikhanda wawo wonke umlando weTheku nowezwe lonke, njengoba iNingizimu Afrika iqale ngokuba ngamakoloni amane aseBhrithani yadlulela ekubeni yiNingizimu Afrika eBumbeno (Union of South Africa) kwaze kwafika lesi sikhathi lapho isiyiRiphabhlikhi yaseNingizimu Afrika. Belikhona leli hholo izwe lisabuswa ngamaNgisi, laba yindawo obekwethulwa kuyona izinkulumo zezombusazwe nguhulumeni wobandlululo, namanje njengoba sekuphethe umkhandlu wezinhlanga ezahlukene wezwe lentando yabantu. Njengendawo eyinkaba yeDolobha libe yindawo lapho okwaba khona imibhikisho nemizabalazo eminingi ikakhulukazi ngezikhathi zobandlululo. Njengoba inhloko yakwa-International Governance and Relations, u-Eric Appelgren washo emgubhweni weminyaka eyikhulu weHholo leDolobha wathi, “Bengijwayele ukuza lapha ngizobhikisha, ngimemeza abantu ababesebenza kuleli bhilidi. Manje sekuyimi engikulona abantu bayeza bezongimemeza nami!”

Nanamuhla lesi sakhiwo sisizithola wonke amehlo ebheke kusona njengoba kunenkulumo-mpikiswano ekhona emphakathini ngezichuse zangesikhathi samaKoloni ezisemagcekeni ale ndawo kuFarewell Square, ngaphandle kancane kwe-City Hall. Izinhlabaluhide ngamalungelo abahwebi basemgwaqweni, izwi labantu elaliphikisana nosopolitiki nezikhulu zikahulumeni ezehlukene zangaleso sikhathi konke kwathola ikhaya ezitebhisini zaseCity Hall. Lesi yisakiwo esimumethe umlando nempilo, kanti singelinye lamabhilidi okumele ulivakashele njengengxenye yeziNdawo Ezingamagugu Omzabalazo eThekwini (Durban’s Liberation Heritage Route) – okungaba ukuzozibhekela umlando otholakala ngaphakathi eNatural Science Museum, noma ungene uyozibonela ezithinta amasiko eDurban Art Gallery noma ufuna ukubona nje ukwakheka kwaleli dolobha lethu elinomlando onothile.
Okunye okuhlabahlosile ngale ndawo – iCity Hall yaseThekwini ifana ncimishi neCity Hall yaseBelfast, e-Ireland.
Izithombe ngabakwa: huffingtonpost.com no: rdm.co.za