ITheku lingaba yini ngaphandle kwezindawo zokungcebeleka lapho singabala khona ezokudla, okuphuzwa kuzo amanzi amponjwana kanye nezokuphola nje. Phela kuleli dolobha kusuka izivakashi eNingizimu Afrika yonke ngisho nangaphandle zizongcebeleka. Alukho uhlobo lwendawo yokungcebeleka olungekho, ingakho ngisho phakathi nesonto uthola izindawo zokucima ukoma nokudla zigcwele abantu. Ziningi ke izindawo ezidayisa ukudla okuhlukene kwabathanda ukudla. Ikakhulukazi kulezi ezidayisa izinhlobo ezahlukene zenyama. Lana sibala sisuka kweyosiwe, ethosiwe, egxashisiwe ngisho nayo ephekiwe. Kungaba senza iphutha uma singathi kukhona indawo ezishaya amakhanda ngokudayisa inyama emnandi kunazo zonke ngoba phila nathi singabantu sikuthanda ngendlela engafani ukudla. Ngikho nakho ke ukunambitheka kwakho sikuzwa ngezindlela ezingafani. Kodwa esithi asikuveze kuleli khasi izindawo zokucima ukuma kanye nokuya ngasethunjini ezithandwa kakhulu abantu nabathanda ukuzivakashela phakathi neviki naphakathi nesonto.
Izindawo ezifana no-Ace Butchery, Butchers Block, Meat Junction, kanye nezinye nje eziningi ezifana noJoe Cools ngezinye zezindawo ezithandwa kakhulu. Futhi ngezinye zezindawo ezinedumela lezi, ngenxa yokuthi zihlelekile kanti ke futhi nohlu “Manu” yazo inhle impela nje! Abantu ke bakhangwa izinto eziningi ezahlukene ezindaweni zokudla kanye nokungcebeleka. Indawo nje efana nase Joe Cools idlela ogageni nje ingoba ibhekene ngqo nolwandle. Uma uhleli khona ushawa umoya opholile ube ubuka nabo ubuhle beTheku uphinde ukhangwe nayilo ke uhlu lokudla abakudayisa njengayo nje inyama. I-Ace Butchery ke yona nayo igabe ngenyama yayo eyehla esiphundu.
Brief overview
Durban and its surroundings caters for both young and old. This article gives details of famous shisanyama outlets in Durban.