Asizicabangele kabusha izindawo zasemakhaya

Umnotho wezokuvakasha ujwayele ukuqhakambiswa njengendima yezomnotho ekumele ibhekwe ngamehlo okhozi ngoba inokudala amathuba amaningi omsebenzi, kodwa namhlanje ngithi asike sibheke nezindawo zasemakhaya.

Ezinye izindawo zasemakhaya ziqukethe umhlaba omuhle ongakamoshwa ukungcola izimboni zokukhiqiza noma amabhilidi agugile.

Abantu abaningi bakhona basawalandela amasiko akwantu anjengenhlonipho, kanti nehlazo yinto esasatshwa.

Nansi inselelo:

Asike sibheke lezi zindawo, sijule ngemiqondo, sicabange izindlela ezintsha esingazithuthukisa ngazo lezi ndawo ngaphandle kokufisa ukuthi zifane namadolobha.

Ngaphansi ngifake izithombe zendawo yasemakhaya yangakithi, kwaZuba Rural Area, eNingizimu yeTheku.

________________________________________________________________________

This article is written to demonstrate the potential of rural areas as tourism destination as well as challenges local people to imagine unique ideas about developing rural areas.

Leave a Comment