Anelisiwe Maphumulo

Osesithombeni: Anelisiwe Maphumulo.
Isithombe sithathwe nguLusanda ‘Fari’ Sikulume.

 

Uma ezichaza kumuntu ongamazi, uzibika njengomuntu ozithandela ukuncokola nokuzijabulisa. Uthi ungumuntu ozimiselayo nowazi kahle kamhlophe ukuthi uhloseni ngempilo yakhe.

Lapha sikhuluma ngo-Anelisiwe Maphumulo (21) odabuka eNdwedwe, Osindisweni, KwaZulu-Natal. Intokazi lena iyigagu eliqhakambisa ukuthi inekusasa eliqhakazile ezindimeni zamaciko, ikakhulukazi leyo yomculo.

Le ntokazi yaziwa kakhulu kwi-underground arts scene yaseThekwini njengomlobi wamaculo nezinkondlo, imbongi ephinde ibengumculi futhi.

Le ntokazi yakaMashimane (isithakazelo) izakhela igama ezindaweni zokuveza ubuciko eThekwini njengeBAT Centre neHabesha Café.

U-Anelisiwe, owukhonze kakhulu umculo wesintu, ubalula iqhawekazi eseladlula emhlabeni uBusi Mhlongo njengomunye wabaculi ebukela kubo.

Isifiso sakhe esikhulu wukuthi uhlonipheke kakhulu umculo njengendima enkulu emnothweni.

Awuke umlalele.

Anelisiwe Maphumulo – Ehlula Amadoda

Brief overview

The above is a short article on Anelisiwe Maphumulo, an underground Durban singer who’s trying her hand at contemporary traditional music. She cites as one of her greatest influences the legendary Busi Mhlongo. The article contains a recording of her performance in Durban in November 2017.

Leave a Comment