Amalungelo Abesifazane Nokushintsha Kwesikhathi

Sibe nengxoxo noGogo Buyile Mzobe ngokuthi yimaphi amalungelo abantu besifazane ababenawo ezikhathini zakudala nokuthi uma eqhathanisa nesikhathi samanje yiziphi izinto esezishintshile. Nokuthi iyiphi indima edlalwa ngabantu besifazane emphakathini.

Imfundo
Ugogo Buyile ukubeke kwacaca ukuthi kuqala kwakungekho ukuthi ungumuntu wesifazane kuthiwe uya esikoleni. Kwakuba ngabafana kuphela ababevunyelwa ukuthi baye kofunda ngoba kwakuthiwa yibona ekugcineni ekwakufanele bahambe bayosebenza, ukuya esikoleni kuzobasiza ekutholeni umsebenzi uma sebesigabeni esifanele.

Ukusebenza
Ngalesosikhathi umuntu wesifazane wayengavumelekile nhlobo ukuthi ahambe ayosebenza edolobheni. Umsebenzi wakhe kwakuba ngowasekhaya ukutheza, ukukha amanzi, ukupheka nokunye. Kuthi uma esesigabeni sokuthi agane, kulindeleke ukuthi alethele abazali izinkomo zamalobolo bese eyahamba eyokwakha umuzi wakhe.

Uma eseganile umthwalo usuke usemkhulu ngoba usuke umuntu engasekho emzini kayise. Umsebenzi usuke usuphindeke kaningi ngoba njengomakoti uyena ekufanele abone ukuthi emzini izinto zihamba kahle yini. Abanye besifazane bayeke ukwenza imisebenzi ebebekade beyenza bengakashadelwa. Okukhulu kunakho konke ukwandisa umndeni okwakulindelwe; okuchaza ukuthi umsebenzi usaqhubeka.

Nomkhuba wokungenwa uma eshonelwe umyeni wakhe wayengawuphikisi ngoba wayengekho umuntu owayezomondlela izingane zakhe yena engasebenzi.

Wayengenalo Izwi Umakoti
Esikhathini sakudala kwakuyichilo ukuthi umuntu wesifazane aphawule ngezindaba zomuzi noma ngabe wayecabanga ukuthi owakhe umbono ubaluleke kangakanani. Wayethathwa njengomuntu ongafundiswanga inhlonipho kubo ngisho kungabe udaba lungezingane azizalayo. Uma umakoti enebhadi babemkhumbuza emzini ukuthi yini ayizele kulowo muzi ukukhuluma izindaba akusikho okwakhe. Uma enenhlanhla bangamnika ithuba lokubeka umbono kodwa isinqumo asithathwa nguye.

Esikhathini sanamuhla
Kuningi osekushintshile esikhathini sanamuhla uma siqhathaniswa nesakudala, abantu besifazane sebekhululekile ukuthi bangabeka umbono, bangakhalaza uma kukhona abangakuthandi, sebeyafunda ukuzithuthukisa, sebeyasebenza ukondla imindeni yabo ngaphandle kosizo lwabantu besilisa.

Uma umuntu eganile akusafani nakuqali useyazikhethela nokuthi ufuna izingane ezingakhi, futhi bayazisholo abafuna kwenzeke ngezingane zabo. Abangathandi ukugana baphila ngaphandle kokucwaswa emphakathini.

ENingizimu Afrika sekunosuku noma inyanga ekhethekile yabantu besifazane ekuyinkomba yenkululeko esikhona. Futhi nabo sebeyavota ukukhetha uhulumeni wabantu.

English Summary
We focused on women from the olden days vs twenty-first century. Gogo Mzobe shared her experiences as a woman of how the times have changed. She mentioned that education was a big NO for girls in the olden days, they were only expected to help their mothers and to learn about womanhood so that they will be able to build their own houses when they come of age. Even when they were married they did not have a voice in the household and even in the well-being of their children only men took decisions and even discussed family issues. When compared to today’s women they are educated, women can choose if they want to have children or get married. They even work to bring income in their families, they can take important decisions even on behalf of the husband.

By: Nqobile Mdabe

Leave a Comment