UQuarrisha Abdool Karim wazalwa ngoMashi 20, 1960. Wathola i-BSc yakhe e-University of Durban-Westville ngo-1981, i-MSc yakhe yase-Columbia University ngo-1988 ne-PhD ngonyaka ka-2000 e-University of Natal. USolwazi Quarraisha Abdool Karim yisifundiswa, ungumama futhi ungumholi ocwaningweni lwe-HIV ne-AIDS. Welula imingcele yokwenza kahle kwezesayensi emzamweni yakhe wokunqanda isihlava se-HIV ne-AIDS, ikakhulukazi kwabesifazane abasebasha e-Afrika.
Ngokuzwela kwakhe, ukuzinikela kanye nokunikela kwakhe ezindleleni ezilawulwa ngabesifazane zokuvikela i-HIV uSolwazi Abdool Karim uthole imiklomelo eminingi ehlonishwayo, okubandakanya:
- Wathola i-Academy of Sciences for the Developing World’s Prize in Medical Sciences;
- Wathola i-Olusegun Obasanjo Prize for Scientific Discovery and Technological Innovation from the African Academy of Sciences, and
- Wathola i-N’Galy-Mann Award for global contributions in HIV clinical research and the epidemiology of AIDS.
- Wathola i-Department of Science and Technology’s Distinguished Woman in Science Award in Life, Natural and Engineering Sciences for 2011
- Ngo-2014, waklonyeliswa ngendondo ephakeme kunazo zonke eNingizimu Afrika, i-Order of Mapungubwe (Bronze) ngomsebenzi wakhe oncomekayo emkhakheni wezocwaningo lwe-HIV, i-AIDS kanye nesifo sofuba (i-TB); neqhaza lakhe ekuthuthukisweni kwenqubomgomo yezempilo ebeka iNingizimu Afrika ezingeni lamazwe omhlaba.
- Ngo-Okthoba 26, 2014, uKarim waqokwa njengompetha we-TWAS-Lenovo Science Prize ka-2014, okwamenza waba ngowesifazane wokuqala ukuthola umklomelo ka- $ 100,000.
USolwazi Abdool Karim, ongu-Associate Scientific Director we-Centre for the AIDS Programme of Research in South Africa (owaziwa kakhulu nge-Caprisa), ube negalelo ekunqandweni kwesifo esiwumshayabhuqe nokuvikela i-HIV kwabesifazane, izimiso zokuziphatha kanye namalungelo abantu. Uzinikele ekunqandeni ubhubhane lwengculaza lomhlaba wonke isikhathi esingaphezu kwamashumi amabili eminyaka; kugcina ngokutholakala kwakhe kwesayensi kwakamuva ukuthi i-1% yejeli le-Tenofovir livimbela ukutheleleka nge-HIV kanye ne-herpes yezitho zobulili kwabesifazane. Lolu cwaningo, olwakhiqiza ubuchwepheshe bokuqala bokuvikela i-HIV emhlabeni kwabesifazane, lwabalwa phakathi kwe-Top 10 Scientific Breakthroughs yango-2010 yiphephandaba elihlonishwayo, i-Science.
Wenze ucwaningo olubaluleke kakhulu ekwelashweni kwe-TB-HIV, lapho okutholwe khona isisekelo sezinqubomgomo kanye nemihlahlandlela yamazwe omhlaba ye-World Health Organisation (WHO) mayelana nokwelashwa kwe-TB ne-HIV. Usebenza emabhodini amaningi futhi ungukhomishani weKhomishini Yokuhlela yaKwaZulu-Natali (KwaZulu-Natal Planning Commission). Ungumxhumanisi ku-WHO, i-UNAIDS kanye ne-United Nations Development Programme kumakomiti amaningana ochwepheshe ahlobene nengculazi kwezobulili, izimiso zokuziphatha, ukwelashwa, kanye nokwakha amakhono okwenza ucwaningo.
U-Abdool Karim unguSolwazi Ohloniphekile Wezempilo Yomphakathi e-Nelson R Mandela School of Medicine of the University of KwaZulu-Natal aphinde abe ngu-Associate Professor in Epidemiology e-Mailman School of Public Health yase-Columbia University e-New York, e-USA. Ungu-Director of the Columbia University-Southern African Fogarty AIDS International Training and Research Programme, ebambe iqhaza ekuqeqeshweni kwamabanga aphezulu ososayensi abasha baseNingizimu Afrika abangaphezu kwekhulu ocwaningweni lwe-HIV ne-TB.
Ngaphezu kokwenza kwakhe ucwaningo kanye nokwakha amandla, uProf. Abdool Karim unolwazi olunzulu lwenqubomgomo olusukela esikhathini sakhe sokuba ngu-National Director of the South African National HIV, AIDS and STD Programme. Ungumhleli we-Oxford Textbook of Public Health and HIV / AIDS in South Africa, umbhalo ojwayelekile oyi-reference wezifundo ze-postgraduate emkhakheni.
UQuarraisha Abdool Karim njengamanje ungu-Associate Professor of Epidemiology e-Columbia University Medical Centre aphinde abe ngu-Associate Scientific Director we-CAPRISA (Centre for the AIDS Programme of Research in South Africa). UKarimu buye abe nguprofesa obambisene ne-Public Health ne-Family Medicine e-Nelson R. Mandela University.