USolwazi Himansu Baijnath

USolwazi Himansu ‘Snowy’ Baijnath unguSolwazi , ungu-Honorary Research Professor in the School of Biological & Conservation Sciences at the University of KwaZulu-Natal. Unothando lwezitshalo nokongiwa kwemvelo, abelana ngakho ngentshiseko nabafundi bakhe.

Izitshalo eziningi uSolwazi Baijnath azicwaningile zigcwele indawo yaseThekwini, njenge-Durban Guava, ayithola wayiqamba, kanye neR-acecourse Lily, isitshalo somdabu esiyivelakancane saseThekwini, okwakucatshangwa ukuthi asisekho endle. Unesibopho sokutholakala kabusha, ukusakazeka nokuvikelwa okusebenzayo kwale -ily enhle.

Sekuyisikhathi eside ebambe iqhaza kumaphrojekthi agxile ekusetshenzisweni kwezitshalo, njengemithombo yokudla okunempilo kanye namalungiselelo endabuko okwelapha. Uphinde abe ngomunye wezazi zezitshalo eziye zaba nomnyovu oqanjwe ngaye.

Prof Snowy Baijnath
Prof Snowy Baijnath

Eminyakeni engu-24 edlule e-Pemary Ridge Primary School usezibophezele ekutshaleni izihlahla ezihluke ngokuphelele KwaZulu-Natali, adalule othisha futhi akhuthaze abafundi ukuthi banakekele amafa abo emvelo. Emnyangweni we-DUT Biotechnology, uqondisa futhi eluleke abafundi abafunda iziqu ze-post graduates ukuthola iziqu zabo eziphakeme.

USolwazi Baijnath sekuyiminyaka eminingi etshala imbewu yolwazi ngokubaluleka kokunakekela umhlaba wethu wemvelo, futhi unomthelela omuhle ekukhuthazeni, abasha nabadala.

Leave a Comment