Kwasukasukela!
Cosu…
Kudala kwakukhona abafana ababili ababengabandawonye, owokuqala kwakunguSlinyana owesibili kunguHlakaniphane. UHlakaniphane wayehlakaniphile kanti uSlinyane wayeyisilima njengegama lakhe.
Kwathi ngelinye ilanga bahamba baya kodlala umshini wemali uSlinyana wawina imali eningi eyamaphepha uHlakaniphane wathola uhlweza. USlinyana wabe esecela bashintshane nomfowabo yena athathe eyamaphepha. Wavuma ke uHlakaniphane bagoduka baya kubo. Ngakusasa bavuka baya kothenga izimpahla.
Ukusa kwabonwa yibona bavuka balungela ukuhamba, bathe sebeqedile wabe esephuma kuqala uHlakaniphane wathi kuSlinyana akophuma nesicabha – wayeqonde ukuthi akovala uma esephuma. USlinyana yena wavele wahluntula iscabha waphuma naso wasithwala, wathi uyaphenduka uHlakaniphane wabona uSlinyana ethwele isicabha.
Wambuza ukuthi usiyisaphi, wathi uSlinyana uthe akophuma naso. UHlakaniphane wathi, “Siphukuphuku ndini ngithe ubovala umnyango, hhayi ukukhipha iscabha”, bathi besakhuluma kwaqhamuka amazimu abajaha babaleka bagibela esihlahleni amazimu abalinda ukuthi behle.
Kuthe kusenjalo uSlinyana waphiswa ukuchama watshela uHlakaniphane, waphendula uHlakaniphane wathi akachame la ekhona. Wachama uSlinyana wachamela amazimu athi waze wamnandi umsobho ovelezulwini. Waphinda uSlinyana wathi mfethu siyangisinda lesicabha wathi uHlakaniphane sidedele nangempela wasidedela sawa phansi athuka amazimu abaleka angabheka emuva. Behla emthini babuyela ekhaya ngemali ababenayo bakha indlu enhle bathenga nezimpahla ezinhle. uSlinyana wasindisa impilo yabantu bakuleyandawo ngokuphuma kwakhe nesicabha.
Cosu yaphela.