Umsebenzi kaMkhokheli ebandleni

Ezikhathini zakudala (kwezinye izindawo zasemakhaya kusenzeka lokhu) kwakukhona amaqhikiza, yiwo abeluleka amajongosi ngokuziphatha kahle. Ngokuhamba kwesikhathi kwafika abamhlophe, abafika nenkolo banxenxa abantu abamnyama enkolweni. Abantu baqala bahambela izinkonzo bebhincile ngokwesintu, kwathi ngokuhamba kwesikhathi baphipha izingubo zokugqoka bafundiswa nokufunda bathola namaBhayibheli.

Ukushintsha kwabantu kwenza nokuthi indlela yokwenza izinto ishintshe. Njengesiko lamaqhikiza babona kubalulekile noma sebeyiwo amakholwa ukuthi baqhubeke nakho kwase kuba ukuqala komsebenzi kamkhokheli ebandleni. Yilapho okwaqala khona ukucwasana emiphakathini ngoba kwasekukhona labo ababebizwa ngamakholwa ababebonakala ngabakugqokile kanye nalabo abakhetha ungangayilandeli inkolo bona babebizwa ngamaBhinca.

Ngixoxisane noMama uKhumbuzile Kubheka osonta eWeseli osebengumkhokheli iminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27). UMama uKhumbuzile uyazigqaja ngomsebenzi wakhe onempumelelo ngoba uthi ngokuhola izintombi uzifundise indlela yokuziphatha ekukhuleni kwayo, kulabo asebaholile useshadise izintombi ezingamashumi amabili nane (24), akholelwa ukuthi abengeke ashade ukuba ubengekho umuntu owafundisayo. Kujwayeleke ukuthi umuntu okhethwa njengomkhokheli kube umuntu oseshadile noqotho ebandleni, ekhethwa ngabanye omama. Lokhu okwakufundiswa omama abahola izintombi babekufundiswa amakhosikazi abefundisi abamhlophe. Uthi UMama uKhumbuzile ngenxa yokuthi nolimi lwesiNgisi babengalwazi nabamhlophe bengalwazi olwabo babekhuluma ngezandla kwaze kwafika isikhathi lapho befunda izinhlavu ngazinye. Iningi labantu laqala ukuthola imisebenzi emizini yabamhlophe, nasezimishini.

Uthi izinto ababezifundisa ngaphandle kokuziphatha kahle kwakungukuhlonipha kanye nezinto ongazilindela emshadweni wakho njengokuthi ukungabatholi abantwana okwakungaba yinkinga yalowo oshade naye lokho okungenza ukuthi umndeni uvumelane ngokuthi umfowabo kamyeni wakho kube nguye otholisa ingane umakoti. Lokhu babekwenzela ukuthi laba abashadile bangethuki uma sekwenzeka. Lokhu kuyenzeka noma umyeni walowo obekhokhelwa eshonile, kuthiwe akangenwe ngumfowabo ukuze umuzi ungashabalali. Ngokushintsha kwezikhathi iningi labantu alisakwenzi lokho ngoba ngesinye isikhathi bekuba nengxabano emndenini besolana ngakho.

Okwenzekayo
Ebandleni intombazane uma seyimbonile lowo emthandayo, ibikela umkhokheli. Umkhokheli ubese etshela intombi ukuthi ifike nomfana lowo. Ababuze imibuzo bese iyala umfana ukuthi kufanele asheshe ayovela ekhaya lentombazane. Ngemuva kokumcela kwasekhaya kufanele baye enkonzweni ayoyithembisa ngaphambi kwebandla nomfundisi. Ngemuva kokuqedwa kwamalobolo sebengashada kodwa umshado wabo uphumela esontweni lapho bezofungiswa umfundisi ngaphambi kokuthi baye kubokamfana.

Written By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Comment