Sixoxisane noGogo wakwaZungu ngadlula kukhona ngesikhathi engumakoti osemncane. Usixoxele ngahlangabezana nakho ngesikhathi eganela emzini wakwaGwala. Uthi ngesikhathi sabo besakhula kwakuyihlazo elikhulu ukuthi insizwa noma intombi ize ihlanganise iminyaka engamashumi amabili ingaganile noma ingaganiwe. Bekujwayeleke ukuthi umuntu uma eneminyaka eyishumi nesithupha abe eseganile. Uma kwenzekile wadlula kulesikhathi ekufanele ngabe sewugana ngaso umndeni ubuhlangana kucutshungulwe ukuthi ngabe inkinga ikuphi ngoba phela lokhu kubathela ngehlazo njengomndeni. Ngesinye isikhathi baze babheke nasemsamo ukuthi akukho yini isiko ongenzelwanga lona njengokukhuliswa namanye ekungabe umndeni uyawalandela. Kuyenzeka ukuthi ngemuva kokulungiswa kwalezinto umndeni intombi noma insizwa zilungele izinto zayo.
Contents
1 Ukudla ekungafanele umakoti akudle
2 Amagama angawasebenzisi
3 Izindlu angazingeni
4 English Summary
Ukudla ekungafanele umakoti akudle
Ziningi izinto ezingenziwa umakoti emzini uma eganile njengokuthi kunezinhlobo zokudla angazidli kanye namagama awahloniphayo ekhaya, ongawabizi noma izindlu ezithile ekungafanele umakoti azingene. Kodwa ngemuva kwesikhathi esithile kukhona ovunyelwa ukuthi ukudle futhi nakhona ukudla kukhona oze ufe ungakudla. Kweminye imindeni intombazane ithi ingangena ebuntombini iyekiswe ukudla okuthile ngoba kuthiwa iyokuntshontsha emzini. Kwakwenzeka ukuthi umakoti acabange ukuthi uyedwa akwebe ukudla lokho uma ebeneshwa wabanjwa emzini bambuyisela kubo ukuthi ayolulekwa. Imindeni iyehlukana ngezikhathi ezibekelwe ukuthi umakoti azile ukudla.
Amagama angawasebenzisi
Kunamagama umakoti ekungafanele awabize emzini njengengxenye yokuhlonipha abantu basemzini abaqanjwa ngalawomagama. Njengokuthi uma kukhona umuntu onegama elifaka umfana awulibizi nangengozi lelogama umfana umbiza ngomkhapheli, kweminye imizi umfana omncane emzini ubizwa ngomkhapheli kuthi amantombazane uwabize ngosisi noma abesilisa abadala ubabize ngobhuti omdala. Wonke umuntu uyamhlonipha njengomakoti noma ngabe sewadlula emhlabeni. Isibonelo: Uma kukhona umuntu igama lakhe uMoyeni, umakoti uma ebabaza umoya omkhulu akasho ukuthi “Waze wamkhulu umoya”, kodwa uthi kunesiphepho. Uma kukhona umuntu obizwa ngoManzi umakoti
uthi usaya “kokha amadambi”, njalonjalo. Uma kwenzekile umakoti walibiza igama ekungafanele alisebenzise uyahlawuliswa emzini.
Izindlu angazingeni
Umakoti akavumelekile ukungena ekamelweni likababezala noma ngabe uyagula, into angayenza umakoti ukuthi athumele izingane zenze lokho okudingwa ubabezala. Yena ulalela ngendlebe eme ngaphandle ukuthi ufunani ubabezala. Futhi abahlali ndawonye, akufanele umakoti ahlangane nobabezala, uma kwenzekile umakoti wabona ukuthi bazohlangana ngezindlela nobabezala kufanele asuke ahambe ngenye indlela. Nokumenzela ukudla umakoti uyakwenza kodwa athumele izingane, futhi akafanele awashe ngaphandle uma esashona umamezala kodwa uthumela izingane ekamelweni likababezala zilande izingubo lezo ezidinga ukuwashwa.
English Summary
Gogo (Granny) Zungu shared her experiences as a young bride. She mentioned that in their times it was a taboo for a girl or a boy to reach the age of twenty single. Most young people got married at the age of 13 to 16. There are things that a young bride is prohibited to do at the house of her in-laws i.e. not eating certain types of food, not using certain words or names and not accessing some huts or rooms within the family, especially the father-in-law’s bedroom.
By: Nelisiwe Hlongwane
amagama okuhlonipha
Sawubona,Uma kunomuntu owu Bonga noma usbongile uwabiza kanjani lawo magam