Ukushaqwa kwentombi kuwumkhuba owenziwa ezindaweni zasemaphandleni. Ukushaqwa kwentombi kuhlukene kunokuthwalwa kwentombi. Ukushaqwa yilapho intombi nensizwa sebeqomene sebeqala nokuvakashelana kanti ukuthwalwa kwentombi yilapho owesilisa engafuni ukwamukela ukuthi intombi ayimfuni ngeke imqome abeseyithatha ngenkani ayiganise.
Lapha sixoxe noSiyophelelaphi oneminyaka engu-19 owashaqwa yisoka lakhe lamenza unkosikazi wesibili. Njengezithandani wayesazi ukuthi kukhona unkosikazi wokuqala kodwa babengakaze baxoxe ngokuthi uzoba ngowesibili. Langathile bavumelana ukuthi bazovakashelana, kuba nguye umuntu wesifazane ovakashela owesilisa. Okwathi uma sekufanele abuyele ekhaya wangavuma owesilisa. Lokhu kusuke kuyicala emzini wendoda ezala intombazane. Kwathi ngakusasa kwathunyelwa abantu nezinkomo ukuthi bayobika kubokantombazane ukuthi ayilahlekile kodwa sebeyiganisile emzini wakwabani.
Ukushaqwa akubi nomthelelela omubi njengokuthi umuntu wesifazane aphatheke kabi afune nokubuyela kubo njengalowo osuke ethwaliwe ngoba kusuke kwenzeke into angayifuni. Basuke sebevumelene futhi lowo wesifazane usuke esebona kufanele abe ngunkosikazi ngoba nobuntombi bakhe abusekho. Amaqhikiza asuke azi ngalezindaba ngoba yiwo ahlela ukuvakashelana kwezithandani. Owesifazane uyaganiswa kanjalo kuze kuqedwe lonke uhlelo lwamalobola nabakubo yena esehleli emzini wakhe eqhubeka nokuba ngumakoti. Lowo osuke eshaqiwe usizwe ngabanye omakoti noma umamezala wakhe ukufunda izinto zasemzini ngoba akalitholanga nethuba lokuthi ekhaya ayalwe kahle ngokuziphatha emzini wakhe. Nabazali bentombazane ekugcineni bayajabula ngoba ingane yabo ayibathelanga ngehlazo lokuthi itholele umntwana ekhaya kodwa igcagce kwabona noma ngubani.
Abazali bomfana basuke bengazi ukuthi kuzokwenzeka lomkhuba nabo baziswa yindodana yabo ekuseni ukuthi seyonile emzini wakwabani. Yilapho abazali beyibonisa khona indodana yabo nokuthi kubalulekile ukuthi bayibuze ukuthi izimisele ngani ngengane yabantu. Lapha sibona nokubaluleka kwemfuyo emakhaya ngoba kuthathwa esibayeni ukuyokhokhela lowomndeni wakubo kantombazane.
By: Mbusiswa Zuma