Ukunwetshwa kweMtateni nokwakhiwa kweDurban Eye

EMtateni indawo yokuthutha enkulukazi futhi ematasa kakhulu kunazo zonke ezinye eNingizimu Afrika. Lendawo ephethwe inkampane iTransnet, kubikwa ukuthi bafuna ukuyinweba ngokuphindwe kawu-4 ukuvuleka kwayo njengamanje. Lokhu kuzoba nomthelela omkhulu kumaspala omuhle nongemuhle. U-Adrian Peters, oyiChief Strategy Officer eThekwini, wathi uhlelo lweTransnet luza namathuba kanye nobungozi.

UPeters wabika ukuthi imigwaqo ehlukene kanye nemihubhe nxazonke zedolobha zibonakalisa ukuminyana. Uthe kufuneka umaspala uqinise ubudlelwano noTransnet kuhlanganiswe izinhlelo zokuqhuba ukunwetshwa. Ukusebenza kweMtateni kuthinta kakhulu ukuthuthukiswa kwezindawo eziseduze zikamaspala, lokhu kwenza abahlali bazithole sebethinteka ekusebenzeni kwamathilagi ngenxa yomsindo. Ngokusho kukaPeters, uhlelo lukhombi ukufaka iPoyinti kanye neMaydon Wharf Terminals ukunwebela amacontainer. Lezi zindawo zihlangene nephakathi ledolobha kanye nendawo yaseCongella okanye Umbilo.

Kusenjalo idolobha leTheku lisezinhlelweni zokwakha iFerris wheel eBeachfront ezobizwa ngeDurban Eye. Lephojekthi ezimile kulindleke ukuthi iqale ukwakha kulenyanga, Julayi 2022 kanti kulindeleke ukuba iphrojekthi iqalise ngo Februwari wonyaka ozayo. Kusobala lephrojekthi isuselwe kusakhiwo i-London Eye okanye Millinnium Wheel okuyindawo ethandwa kakhulu yezivakashi e-United Kingdom.

Lesi sakhiwo kubikwa ukuthi sizoba sekupheleni kweningizimu ye-beachfront, emngceleni wokungena eMtateni. Lendawo izobheka indawo iBluff iphinde ihehe yamukele amagibeli bemikhumbi esikhumulweni esisha iKwaZulu Natal Cruise Terminal. Ukubhekwa kweDurban Eye kulndeleke ukuthi ihehe izivakashi edolobheni. UTransnet noMaspala weTheku kumele besebenzisane ukuthuthukisa izindawo ezinenzalo efanayo baphinde baxazulule ezingahlelekile kahle.

Article Overview

Commonly called Durban Harbour, the Port of Durban, is the largest and busiest shipping terminal in South Africa and sub-Saharan Africa. According to a report on its proposed expansion, the Port of Durban plans to increase its capacity by four times, leading to both positive and negative impacts on the municipality. The plan is said to include the Point and Maydon Wharf Terminals for container expansion.

Meanwhile, the city of eThekwini is in the progress of building a Ferris Wheel on the beachfront, called Durban Eye. This project will be located on the southern side of the beachfront, bordering the entrance channel of the harbour. The eThekwini Municipality and Transnet are said to work jointly for the common interest.