Ukumbathiswa Komuntu Ongasekho

Ukumbathisa umuntu ongasekho emndenini uma kwenziwa umembeso kuwumkhuba owenziwa imindeni eminingi. Uma ngabe kuzo kwenziwa umembeso ungabe kumbeswa abakamakoti noma abakamkhwenyana. Kodwa kuvamise ukuthi kuqale abakamakoti. Umakoti uvamise ukuthi akhulume nomkhwenyana wakhe ukuthi akahlangane nomndeni wakhe khona ezokwazi ukuthi yiziphi izipho ezidingwa umndeni.

Kuyabhalwa phansi ephepheni ukuthi bangaki abantu okudingeka ukuthi bambathiswe. Nabashonayo kubalulekile ukuthi bambathiswe ukuze kungabi khona icala eliyosala. Uyahamba umakoti ayothenga zonke izinto ezidingakalayo. Umakoti uyocela intombi ukuthi zimuphelezele eya emzini ukuyombathisa kanye nabazophelekezela umama kamakoti kuqala. Kuhanjwa ekuseni kuhanjiswa umembeso. Kuzokwenziwa njengendlela ekuhlezi kwenziwa ngayo kumbeswe labobantu abekade bebhaliwe kube mnandi. Isikhathi esiningi izinkinga ziqala uma abantu sebaganana kubonakale ukuthi kukhona abangamubalanga ngesikhathi kumbathwa.

Imvamisa thina bantu abamnyama sizithanda kakhulu izingane uma umakoti eseshadile. Kuke kubhekwe ukuthi uyabathola yini abantwana noma akabatholi. Uma ungabatholi usenkingeni ngoba uma uhlala nabasemzini bazo kusho ngezinto eziningi. Ingane kuthina ibalulekile kakhulu uma usuganile. Lomuntu enakhohlwa ikumbathisa uvamise ikukubamba lapho kwesinye isikhathi. Ingane ungazitholi noma umuntu ethi uyabamba kuphuphume isisu. Mhlawumbe nomkhenyana akanakile ukuthi lento isiwumkhuba lapha ekhaya. Ngoba kuqala uma kwenzekile waphuphunyelwa isisu kwakuvamise ukuthi omama abadala bomndeni bahambe bayokubonela ngoba kuqala kwakuwumkhuba omkhulu ukuthi uphuphunyelwe izisu.

Izalukazi zingatshela umakoti ukuthi bahambe bonke ukuyozwa ngalowomkhuba. Yilapho ke isangoma esiyofike sinibhulele ukuthi kunomuntu ongambathiswanga ngenkathi kwenziwa umembeso wasala manje ufuna ingubo yakhe kumakoti. Ngemuva kwalokhu umndeni kufanele umenzele ushweleze ukuthi wasala lowomuntu wangambathiswa kwenzeka iphutha bese bemnika nesipho okujwayeleke ukuthi kube yingubo. Kubalulekile ukuthi bamazise ukuthi ivela kumakoti leyongubo yakhe. Lesosipho siyaye sinikwe umndeni walowo osewashona okungaba yingane yakhe ngobulili balowo obembathiswa. Lokhu kuyahlonishwa kakhulu emindenini.

Written By: Nqobile Mdabe

1 thought on “Ukumbathiswa Komuntu Ongasekho”

  1. Thank you for the enlightening information. Kubalulekile ukulandela amasiko esintu. Lokhu akusiko ukukhonza izithixo, ikakhulu odabeni lwesibongo, umuntu asebenzise isibongo okuyiso. Ngoba kokunye singahluphi lowo ongasisebenzisanga, sihluphe abazukulu noma isizukulwane, engasekho nozochaza into ezwakwalayo.

    Reply

Leave a Comment