Ukumbathiswa Komuntu Ongasekho Emhlabeni

Isiko noma umkhuba wokumbathisa umuntu ongasekho emhlabeniZiningi izinto ezenziwayo ekhaya uma kukhona umuntu osedlulile emhlabeni. Okunye kusuke kuyingxenye yamasiko omndeni okunye kwenziwe ngabantu abasuke behambele umngcwabo lowo esingathi kungumkhuba wendawo. Lapha sizobheka ukumbathiswa komuntu ongasekho emhlabeni, embathiswa ngabakhozi noma ngabantu balapho ekuganele khona ingane yabo. Izikhathi sezishintshile ngoba nendlela ekwenziwa ngayo abantu abasayilandeli.

Kuqala uma intombi ilotsholwa, kwenzeke kushonwe emzini wayo. Uma isalotsholwa kuchaza ukuthi ayikagcagci ngokuphelele okusho ukuthi ayikabi ngokwesiko lesintu. Umakoti lowo osalotsholwa kufanele ukuthi amumbathise lowomuntu oshonile ngoba phela ngeke asakwazi ngosuku lomabo. Njengenjwayelo uma kwabiwa kumbathiswa ngezingubo zokulala, amacansi, imiqamelo njalonjalo. Umakoti kufanele athenge zonke izinto abezombathisa ngazo lowo, kuya nangobulili uma kungowesilisa kwezinye izindawo kubakhona namahembe uma kungowesifazane yena anikwe iduku lasekhanda nephinifa.

Uma kwenzekile kwashona ubabezala kumele umakoti athenge icansi, ingubo yokulala, ukhamba nomqamelo. Ukhamba aluhambi lodwa kufanele lufike notshwala lesintu, eligaywe kubo kamakotizoza. Uma kushone umamezala uzothenga okufanayo kodwa okungenalo ukhamba lotshwala. Umuntu ovumeleke ukwenza lokhu noma ukumbathisa oselotsholwa kuphela.

Uma kwenzeka ukuthi intombi inengane khona kulowomuzi kodwa ayikalotsholwa ayimbathisi muntu. Ayiphathwa ke eyokuthi uthinte amabhodwe akhona awalokothwa. Kanti manje abantu uma ingane yakhe yazala ingane kulowo muzi. Kuningi okwenziekayo esikhathini sanamuhla lapho abantu sebeyenza ngendlela yabo lento, njengohambisa ingubo lapho kuzaliswe indodakazi yomuzi othize ingakaze ihlawulwe nokuhlawulwa. Kanti ukumbathisa lokhu kwasuka ngokuthi intombi isuke isizohambisa umbondo emzini bese kuvela isifo esifana nalesi futhi kubalulekile ukuthi kwaziwe ukuthi umuntu ombathayo yilowo osuke osohlwini olukhishwe ngumndeni njengomuntu naye ozombathiswa.

Yileyongubo embathiswa ongasekho, kuyothi ngosuku lomabo yena ngeke asabizwa ohlwini labambathayo ngoba sewambathiswa okwakhe. Indlela ekuyiyona manje abantu sebembathiswa kabili ngoba abasalandeli izindlela ezazenziwa ngabantu bakuqala. Kwakungenziwa kubokantombazane kuphela lokhu, nakhona kubokamkhwenyana benza okufanayo uma izibizo bezingakahanjiswa kubokamakoti.

Nokuzila nakhona abantu besimanje besifazane uma kushone ubaba wezingane sebeyazila, umuntu ayigqoke iphelele inzila engazange alotsholwe. Uthole ukuthi omunye akuzange kugezwe ngisho umuzi, nengane ayihlawuliwe. Kodwa umuntu azile ahlale ngisho nasemakhandlelini, athi umuntu ingoba besebehlezi isikhathi eside ndawonye futhi wazala nengane noma uyamthanda. Uma ngabe umuntu efuna ukuzila angahlonipha ngenhliziyo ayi ukuthi ugqoke izingubo ezimnyama. Kudala umuntu wesifazane wengazifaki ngisho ngephutha uma ushonelwe isoka lakho. Kwakuzila umakoti noma umuntu oseshadile ngokuphelele. Kubalulekile ukuthi abantu abadala bafundise izingane indlela yokwenza izinto ngoba seziyalahleka kakhulu esikhathini sanamuhla.

English Summary
This article looks at who is supposed to give gifts to a deceased person. In our time, during funeral we see people bringing blankets and grass mats in honour of the deceased when they have a child from that family. In the olden days, only a bride to be that was supposed to bring the gift but only to the person that is on the list of people who are identified by the person to receive gifts during umabo ceremony.

By: Nqobile Mdabe

Source: Makhosazane Mdabe

Leave a Comment