Ukukhishwa Kwethwasa Ethongeni

Mhla zingu 17 February 2013 sihambele umcimbi wokukhishwa kwethwasa endaweni yaseNanda. Belithwasiswa uMama Maphumulo, umcimbi wenziwe emzini wakhe noma lona belingahlali khona ngenxa yokuthi belisebenza lihlala ekhaya lalo, njengoba isikhathi esiningi amathwasa ahlala lapho esuke efundela khona umsebenzi wobungoma njengokuthi uma linengane liyakwazi ukuthwasa lihlala ekhaya. Kodwa kunezikhathi ekufanele liye lapho elithwasela khona liyofunda ezinye izinto njengokugida.

Umsebenzi uqale ngosuku lwangoLwesithathu lapho kwahlatshwa imbuzi nethwasa kufanele libekhona uma kuhlatshwa imbuzi yokulikhipha. Uma sekusondele izinsuku zokulikhipha kufanele lilale esigodlweni. NgoLwesine emini kudliwa inyama yembuzi ebihlatshwe ngayizolo idliwa izangoma ezimenyiwe kanye nomakhelwane. Ntambama ngalelolanga kuba umgidi wezangoma kuthi ngesikhathi seshumi nanye ebusuku kushiswa impepho bethemelezela ukuya kubokathwasa lapho umcimbi omkhulu uzokwenziwa khona. Bafika esangweni lapho kuhlala khona ithwasa bathemeleza bangeniswe ngembuzi. Izimbuzi ezisetshenziswa kulomsebenzi zithengwa ngumndeni wethwasa, uma abantu bakubo kathwasa bengenayo imali liyazithengela imbuzi kanye nenkomo yomgidi. Ngemuva kokunikwa imbuzi bayangeniswa bese beyagida.

Inkomo ihlatshwa ngeSonto kusetshenziswa umkhonto uma isigwaziwe kufanele ithwasa liphuze igazi eliphuma enxebeni. Ngemuva kwalokho kufanele ihlahlelwe inkomo okuqaphelekayo ukuthi ngesikhathi ihlahlelwa lowo osuke ethwasisa usuke emile ebhekile ukuthi umsebenzi uqhubeka kanjani nokuthi akekho umuntu ozithathela enyameni ngaphandle kwemvume. Ngoba kukhona abantu abenza izinto ezimbi abangathatha inyama bayoyisebenza. Ngaphambi kokuqala komsebenzi ithwasa nomama wasethongeni bayahamba baye emfuleni lapho ithwasa lifike ligcatshwe khona ukuqedela umsebenzi wonke nokuziqinisa kubenzi bobubi.

Uma sebebuya emfuleni kuzokhethwa isigcawu (indawo lapho kuzogidelwa khona). Ezindaweni zasemakhaya kuvamise ukuthi kugidelwe esibayeni. Kunamaculo aculwa ngesikhathi esithile nanoma uma kuqala umsebenzi kuneculo abaliculayo becela idlozi ukuthi lamukele lona osezoqala umsebenzi wobungoma bayagida. Ngemuva kwalokho ithwasa lizoqala elalo iculo ligide bese kulandela umgido wamama wasethongeni nethwasa. Inyama yenkomo ebihlatshiwe iphekwa, ibhekwe futhi yabiwe umama wasethongeni. Ithwasa lona ligqoka umhlwehlwe wenkomo. Kukhona isikhathi lapho ithwasa ligijimisa umama wasethongeni ukuze lithathe ishoba lalo elisuke lenziwe ngenkomo ebihlatshiwe. Ngemuva kokuthola lelishoba isangoma siyayalwa njengoba sesizoqala umsebenzi ukuthi siziphathe kahle nokuthi samukele zonke izinto ezizokwenzeka kusona. Ngemuva kwalokho sinikezwa umkhonto isangoma kuyaye kube umuntu wasekhaya wesilisa kodwa uma engekho sinikezwa yilowo obemthwasisa.

Ukunikwa umkhonto kuwuphawu lokuthi ithwasa selingaqala ukushisa impepho. Umkhonto iwona ozosebenza kuzo zonke izinto azobe ezenza eziqondene nomsebenzi. Ngemuva kwalokho kukhishwa izipho kumbathiswe nomama obethwasisa kanye nomndeni wonke wakubo. Uma sekuqediwe lomsebenzi babuyela endlini becula elinye iculo eliqondene nokuzokwenziwa. Ngalesosikhathi kukhishwa izithebe zenyama kudliwe. Abanye abantu abathwasisayo bayawafundisa amathwasa abo imithi yesintu ukuthi ithakwa kanjani. Iningi lezangoma liyayiphupha imithi eliyisebenzisayo uma lelapha abantu.

By: Nqobile Mdabe

Leave a Reply