UNomusa Maphumulo, 50, ohlala endaweni yaseCongo eNanda usitshele kabanzi ngokuphuma kwethwasa seliyoba yisangoma. UNomusa naye uyisangoma ngokwakhe unesitifiketi esimgunyazayo ukuthi angasebenza nabantu. Kunezindlela ezilandelwayo uma umuntu ezoba isangoma njengokuyothwasa.
Uma umuntu othwasayo esephuma ethongweni noma edlozini uphuma noma ukhishwa ngembuzi. Igama lembuzi umncamisi. Imbuzi ihlatshwa umama wethonga. Ngosuku lowo aphuma ngalo kusuke kukhona nezinye izangoma kubo. Izangoma ziyagida lapho ithwasa liphumela khona. Zigida ubusuku bonke bese kuthi ngakusasa ngoLwesihlanu izangoma zihambe ziye kubo kwethwasa ngoba yilapho esuke esezosebenzela khona. Uma zifika ziyamukelwa ekhaya lelo ngembuzi kanye notshwala nempepho, zingene izangoma ngaphakathi kanye nomntwana. Uma sezingenile kuzobikwa emadlozini alowomuzi ngembuzi yesibili okuyiyona ehlalisa phansi izangoma. Izangoma ziyalala lapho kubo kwethwasa zigida ubusuku bonke. Kuyothi ngakusasa ngezikhathi zasemini lowo obethwasa uzohamba ayotshengisa izangoma inkomo yazo kanye nalapho izohlatshelwa khona. Inkomo igwazwa ngomkhonto walelothwasa elikhishwayo, uma isigwaziwe ithwasa liphuza igazi layo inkomo. Ngaso sonke lesosikhathi izangoma ziyagida. Inkomo ihlatshwa yizangoma ngoba eyazo.
Kuzothi ngosuku lokugcina lomgidi zonke izangoma zigqoka izidwaba. Isidwaba esigqokwa yisangoma yileso esaphuma enkomeni eyahlatshwa ngosuku lomgidi waso. Ithwasa kwenzeka konke lokhu lisuke ligoyile njengomakoti. Lomgidi lapho besuke befake izidwaba kusuke sekuwumgidi wokugcina lapho izangoma sezizophindela emakhaya. Uma sebeqedile ukugida kumbathiswa lowo owenzelwa umgidi kanye nalowo obemthwasisa kuphindwe kufakwe imali ekhanda lethwasa ngabantu abasuke bekhona kulowomgidi. Ithwasa ligqokiswa umhlwehlwe linikezwe nomkhonto esibayeni.
Okubalulekile ukuthi umuntu osuke ethwasisa akakwazi ukuthi enze umgidi womunye umuntu noma ukumkhipha ekuthwaseni uma yena engenzelwanga umgidi. Uma kungukuthi awenzelwanga uyakwazi ukucela omunye umuntu ukuthi akusize ekukhipheni ithwasa lakho ethongeni. Uma seliphuma lizophumela kuyena lomuntu ozolikhipha. Uyawabikela amadlozi lowo ozokhipha ithwasa ukuthi kunomntwana azomkhipha esigodlweni. Kanti lowo osuke engakhishwanga yena usuke eguqile ngoba ugcina ngokwenza izimbuzi ezimbili. Uma kwenzekile wakhishwa umuntu ongayihlabanga inkomo lowomsebenzi ufana nokuthi awenziwanga.
By: Nqobile Mdabe