Ukuhlonishwa Kwendlu Enomsamo Ekhaya

Emakhaya kunendlu yamadlozi. Indlu eyakhiwe ngodaka nezintingo nocingo nezipikili bese iyafulelwa ngotshani. Lendlu isetshenziswa umuntu abamuthembayo, womndeni noma inkosana yakulowomuzi. Umuntu ongathembekile akayishisi impepho futhi nesilwane abamhlabisi ngoba uzocwiya bese aphendule umsamo konakale izinto emndenini. Uma niwumndeni omkhulu kuye kwenzeke kubekhona abanomona bese behlikiza idlozi. Bangawona umsamo ngokuthi bantshontshe inyongo noma ingobe noma banibhedise ngokuthi ummese ebekuhlatshwa ngawo bawufake odakeni noma bawufake emthini bathume isilwane bese kuyonakala umsamo. Kulendlu kuhlala impepho nesitsha sayo, kushiselwa khona izicwiyo makade kuhlatshiwe.

Mase wonakele umsamo kubonakala ngokuthi kubheda izinto ngoba nalo idlozi lilandela lobeganga lishiye abakubo. Baye bakubhedise ngamaboni laba abanomona ngokuthi bantshontshe umswani noma inyongo noma ingobe. Emva kwalokho baba namashwa kulowomndeni, baze baye kozwa kubathandazi noma ezangomeni. Kumele bashise impuphu abantu hhayi impepho ukulungisa lokho ngoba nedlozi lisuke lididekile futhi elihle nelibi lisuke selihlangene ndawonye. Mawusebenzisa impuphu usuke ulihlunga elihle lodwa bese ulincenga ukuthi likhulume ukuthi kwenzenjani konakala izinto bekhona. Mase ishisiwe impuphu kumele lomdala noma obekhuluma empushini bese ezolala kuyo lendlu kodwa uzolala phansi esikhumbeni noma ecansini ukwenzela ukuthi uma befika abakubo bakwazi ukukhuluma naye bamtshele ukuthi kwenzekeni.

Mase kuvelile ukuthi konakelephi kuyalungiswa lokho bese lowo owonile bangamutsheli kodwa bamuqaphele njalo makuhlatshiwe bayamgada ukwenza kwakhe konke angaze abaphinde. Lendlu ibizwa ngegama mhlawumbe kuthiwe ikagogo noma kakhokho noma kagogo omcane. Uma ningena kulendlu nisuke nizokhuluma izinto ezibalulekile zomndeni, ingxabano ayidingeki ngoba nisuke nifuna ukuthi nabadala babekhona ngesikhathi kuxoxwa kube kuhle noma kuzokhulunywa indaba zozolotsholwa ekhaya. Ibuye isetshenziswe njengendlu yokuhlola izingane zakulowomuzi ukuthi ziseyizintombi.

Indlu lena okushiselwa kuyo impepho kumele ihlale ihlanzekile njalo, iyashanelwa iyasindwa futhi kuthintithwe nokunye ukungcola, kuthiwa idlozi aliyifuni into engcolile. Uma isigugile kwakhiwa enye kuyima bethuthwa beyiswa kwentsha. Bayabikelwa kuqala kuyima kwenziwa lokho batshelwe futhi ukuthi bathuthelwa kuphi. Kubayinkinga makumane kwawiswa indlu endala bangatshelwa lutho kubheda emsamo. Umuntu ovunyelwayo ukulala kuyo umuntu ozolala yedwa hhayi nomuntu wesifazane noma nesoka lakhe. Lendlu inesithunzi kangangoba noma uthunywe khona umane wenze lokho okuthunyiwe uphume noma ubiziwe akuvumelekile ume kodwa uyathoba noma ukhothame futhi akumele uphakamise izwi kulendlu idlozi aliwufuni umsindo noma uphakamise isikhali noma ulwe nowakini ngoba idlozi liyakubamba lokho kuze kudingeke ukuthi uxolise ngenkukhu noma ngembuzi.

Nelisiwe Hlongwane

7 thoughts on “Ukuhlonishwa Kwendlu Enomsamo Ekhaya”

  1. Izinto Zam azihambikahle umsebenzi angiwutholi sengiwafake ezindaweni amaningi amacv BT lutho, Noma ngsebenzisa umuth ngigquma or ngiphalaza Noma imuphi awungisizi awusebenz KMEL ngenzenjan

    Reply
  2. mina ngidinga ukuhlawula ingane zami kodwa mina angihlawulwanga ekhaya ngazalelwa ekhaya kubo kamama ngingakwazi yini ukuhlawula ezami mina ngingahlawulwanga

    Reply
  3. Hi, I’m living in Tembisa (no huts). I’d like to know how/where can I prepare umsamo (i.e. my bed room/other room). Secondly, once I burn Imphepho – do I need to sleep on the floor?

    Please understand, My father passed on, mother is christian thus does not understand some things. I live alone, single father. My life is a mess thus request assistance.

    Reply

Leave a Reply