Ugqoko kanye nokunikwa ukhezo

Umakoti akadli ogqokweni enganikiwe isithebe, unikwa ngembuzi ukuthi adle esithebeni. Ukugcagca nokugcagcalwe ngokwesintu kusho lukhulu futhi yinto enhle kakhulu ngoba isuke isho kumuntu wesilisa ukuthi useyindoda ngokuphelele futhi usekwesinye isigaba sempilo. Kanti ngokunjalo nakumuntu wesifazane kusho lukhulu ngoba usuke esuka ebuntombazaneni abe umakoti ngokuphelele. Uma umakoti esegcagcile, akuvumelekile adle esithebeni kanye namasi ngokunjalo ngaphambi kokuba kulandelwe imigudo yakhona.

Ugqoko

Uma umlobokazi enikwa isithebe, umkhwenyane wakhe umhlabela imbuzi, atshele abantu abadala ukuthi umakoti usezodlela esithebeni. Lokhu kwenziwa ngoba ngokwesintu, konke okwenziwayo ekhaya kubikwa kwabadala abaphethe umuzi. Lokhu kuhlatshwa kwembuzi kuhlanganisa imindeni emibili, okubalwa kuyo owakubo kamakoti kanye nala akaganele khona. Emva kwalokho, umlobokazi ufakwa isiphandla salembuzi ehlatshiwe, okulandela lokho usuke esengadla esithebeni sakuloyo muzi.

Amasi

NgokwesiZulu, kuwumgomo ukuthi umakoti angawadli amasi enganikiwe ngokwesintu. Ukuze umlobokazi lo adle amasi kwakhe, kumele umkhwenyana wakhe amtshele ayolanda ukhezo kubo. Kushiwo emzini kuthiwe, “Hamba makoti uyolanda ukhezo ekhaya”. Lolukhezo lwesiZulu kumele abuye nalo kubo la akazalelwe khona. Emva kwalokho uyabuya eze emzini, abatshele ukuthi, “Nalu ukhezo engibuye nalo ekhaya”. Kuba ke umkhwenyana esekhomba inkomo esibayeni athi, “Nansi inkomo kamakoti esibayeni yokudla amasi”. Lenkomo kuba isithole esingakazali nhlobo, okuthi uma nje siqala ukuzala bese umakoti edla amasi aso.

Brief Overview

A traditionally wedded wife is not allowed to consume amasi (sour milk) or eat in what is called ugqoko (a type of serving dish) before two separate ceremonies conducted for the bride. This article explains what happens during the process of allowing the bride to be able to consume amasi as well as the ceremony for ugqoko or ukulanda ukhezo.

Leave a Comment