Ugogo nonogwaja – Inganekwane

Kwasukasukela.
Kwakukhona ugogo nonogwaja.

Ngelinye ilanga unogwaja wavakashela ugogo. Wathi kugogo abadlale umaphekaphekane. Nangempela kwaqala unogwaja wangena ebhodweni elinamanzi elabe libaselwe. Wathi tshiyo tshiyo sengivuthiwe! Wamkhipha. Wangena ugogo ebhodweni wavala unogwaja, wathi ugogo tshiyo tshiyo sengivuthiwe! Wamkhipha. Wangena unogwaja kwayiso leso. Wangena ugogo wathi tshiyo tshiyo sengivuthiwe lutho unogwaja ukumkhipha. Waphinda wakhala ugogo tshiyo tshiyo sengivuthiwe, wathi unogwaja, ungavuthwa kanjani izinkobe zikababa zingakavuthwa. Thula!

Zabuya izingane ekwaluseni, unogwaja waziphakela inyama kagogo. Yathi enye loluzipho lwafana nolukagogo nje! Wathi unogwaja thula wena! Wase ema ngasemnyango wathi naze namudla ugogo wenu! Wabaleka, zamjaha izingane zafika ngasemfuleni zangamthola zabona imbokodo zayicosha zathi uma nje ngingambona ngizomshaya ngale mbokodo isho iyiphonsa ngaphesheya komfula. Habe! yaphenduka imbokodo yaba unogwaja. Wathi pe! pe! waze wangiwelisa phela!

Cosu cosu yaphela.

Isifundo: Bhasobha ubuqili
Lesson: Be careful of craftiness

16 thoughts on “Ugogo nonogwaja – Inganekwane”

  1. This was a perfect story you guys i did like this story it was so great and i think you they should continue doing stories about new nonogwaja
    because this was a nice story

    Reply
  2. This is a lovely story my daugther used it for an assesment and got full marks i read this story to her everyday and she loves it💖

    Reply
  3. This story is so great ,it helped me with my assessment and I passed it with flying colours.Continue with your great job

    Reply

Leave a Reply