UFelix Mshololo

UFelix Mshololo wazalwa ngo-1954 eThekwini. Ufunde e-Adams College, wathola iziqu ze-Bachelor of Arts e-University of Zululand wabe esephothula izifundo zakhe ze-B.eD e-University of Natal. Phakathi kuka-1977 no-1987 wayesebenza eSwelihle High School njengothisha. Ngo-1988 waqokwa njengoThishanhloko ePhezulu High School. Ngo-1990 waqokwa kulesi sikhundla esifanayo eMenzi High School, okuyisikhundla asiphethe waze wadlula emhlabeni ngoFebhuwari 2015.

Menzi High School

Ngesikhathi uMshololo ejoyina iMenzi High School, lesi sikole besingaqhubi kahle ngo-34%. Ngokuphasa ngo-100% ngo-2010, 2012 nango-2013, iMenzi High School ithole inqwaba yemiklomelo nemiklomelokazi. Ngokuzwelana, nangokuqonda ukuthi abafundi baseMenzi bavela emiphakathini ebincishwe amathuba, lapho ukuzimela kwezemfundo kuphazanyiswa yizinto eziningi, uMshololo nethimba lakhe badele isikhathi sabo belula amahora esikole ukuze kufundwe ngokwengeziwe.

Ngo-2014, uMshololo wahlonishwa njenge Thekwini Living Legend. Ngaleso sikhathi, iphini likathishanhloko wakhe, uMuntu Ntombela wayemele isikole kuma-Circle of Excellence Awards. I-Overall Best Matric Result Award yatholwa iMenzi High School, kanye nemiklomelo ephezulu ye-Mathematics, Physical Science ne-Accounting. Futhi izinto azigcini lapho – uMshololo waqokwa njengo-Best Principal kuma-Kader Asmal Awards aKwaZulu-Natali ngo-2014.

Futhi into emangalisa kakhulu ngale ndoda yikhono layo lokudlulisa ulwazi . Ngaphezu komthelela omkhulu abe nawo esikoleni sakhe, uMshololo ukwazile nokwenza ngcono imiphumela kwezinye izikole eziphasa kahle.

Izikole ezingomakhelwane nazo ziyahlomula ngalezi zikhathi ezengeziwe zokufundiswa. Njengomphathi wesikole, uMshololo wanikwa umsebenzi wokusiza izikole ezingenzi kahle kungaba yi-District Manager noma isikole ngasinye. Ngo-2013 usize Inwabi High School ukuthi ithuthukise izinga lokuphasa kwabo isuka ku-20% iye ku-79%. Ubuye wathola uxhaso lwalesi sikole ku-SASRIA, okuyinkampani yomshwalense ebixhasa izifundo ze-Maths neSayensi futhi yanikela nangezinye izinto ezihambisana nokufunda. Isikole ngasinye sithole umhlangano wokucobelelana ngolwazi owawuhlelwa ithimba likaMshololo. Wakha ubambiswano nezinkampani ezinjenge-SASRIA ne-Ernst & Young yokuxhasa ngemali imfundo yasenyuvesi yabafundi abasebenza ngokuzikhandla abaphuma emindenini ehlwempu.

UMshololo uphinde wasiza abafundi ukuthi bafake izicelo zabo nge-CAO emaNyuvesi futhi wahlela nabasebenzi bakahulumeni ebandleni lakhe ukuqoqa imali yokondla abantulayi.

Ngenkathi amandla kaMshololo engapheli futhi engenamkhawuko, kanjalo nokuzithoba kwakhe, wadlula emhlabeni ngoFebhuwari 2015 ngenxa yenkinga yenhliziyo. Njengoba isimo semfundo esingesihle eNingizimu Afrika siyinto ekhathaza kangaka, ngabantu abanjengoFelix Mshololo ababengenza umehluko ngekusasa lezwe lethu. Ngamagama kaNgqongqoshe wezeMfundo, uPeggy Nkonyeni:

“UMshololo ubekhuthele, enentshisekelo futhi ephoqelela ebeka izintshisekelo zabafundi bakhe phambili . Umkhakha wezemfundo wonke ulahlekelwe”