Itheku libusisiwe ngabantu abaningi abaphiwe ngezindlela ezahlukene, lapha singabala abalingisi, amaciko, abanamakhono ahlukahlukene njalonjalo. Kulengosi sithi ake sibheke umlando wabanye abazalwe khona la eThekwini sibheke namava akhe kanye nomlando aseke wawuqopha ngaphambilini. Lapha sikhuluma ngowayekade engu nobuhle kodwa manje osengumlingisi kumabonakude ezinhlelweni ezahlukahlukene, uCynthia Shange. UCynthia Shange uzalwe ngonyaka ka-1949, wazalelwa endaweni yase Lamontville, eThekwini.
Ube eseqala ukungenela umncintiswano wokuba ngunobuhle ngonyaka ka-1970 nalapha okwaqala ukubonakala khona ukuthi cha lento yonobuhle yinto yakhe. Emuva kwalokho wabe esezidlela amahlanga enqoba ukuba uMiss Natal, lokhu ke kwabe sekumvulela amadlelo aluhlaza ngoba phela kwamnika ithuba lokuthi angenele ukuba uMiss Black South Africa. Phela eze engenele uMiss Black South Africa nje ingoba uhulumeni wobandlululo wayengakuvumeli ukuthi onobuhle abamnyama baqhudelane nabamhlophe. Emuva kwalokho wabe esehamba eyomela iNingizimu Afrika kumqhudelwano kaMiss World Competition ngonyaka ka-1972 enguMiss Africa South. Okuvelayo ngaye ukuthi akamenywa emcimbini yonobuhle yaseNingizimu Afrika njengoba phela kuke kwenzeka kwabanye abantu, nokho ke uthi yena akumthusi lokho ngoba ugxile kwezinye izinto.
UMaShange akagcinanga ngokuba unobuhle kepha usezakhele igama elikhulu kumabonakude ngokulingisa. Usedlale imidlalo eminingi kamabanukude esingabala kuyo uShaka Zulu, uMuvhango, uDeliwe kanye nezinye iziqephu zika mabonakude ezahlukahlukene. Abantu abafana nomamu Cynthia Shange kumele sihlale sihlale siwaveze amagalelo abo besadla anhlamvana ukuze nentsha izokwazi ngomlando wabo futhi iqonde ukuthi njengezwe sisuka kuphi. UCynthia useke wahlaba ngendondo ebizwa ngeGolden Horn Lifetime Achievement Award, ngaphansi kweSouth African Film and Television Awards, lezindondo ezonyaka nonyaka kanti zisuke ziphethwe yinhlangano iNational Film and Video Foundation ngenhloso yokubungaza indima edlawe abalingisi kumabonakude.