UVictoria Busisiwe Mhlongo, obuye aziwe ngo Busi Mhlongo wazalelwa eNanda, KwaZulu Natali ngomhlaka-28 Okthoba 1947. Busi Mhlongo ubekhaliphile, ubengumculi, umdansi kanye nomqophi wezingoma nomculo wakhe ongenamuklamo. Ekama umculo ohlukahlukene waseNingizimu Afrika umbaqanga, umaskanda, i-marabi , kanye nomculo wesiZulu womdabu kuxutshwe izikhathi ezahlukene ezifaka phakathi ezisimanje ezivela emculweni we-jazz, funk, rock, gospel, rap, opera, reggae kanye nomsindo we-West African omnandi futhi odidiyelwe kahle. Umculo ongakhohlakali futhi owawuthakaselwa umhlaba wonke kanjalo nesitayela sikaBusi sokucula kanye nendlela abeyiyo esiteji. Umculo wakhe uculwa nesiZulu nangeSingisi uphethe umlayezo enesigqi.
UBusi ukhiphe ama-albhamu amaningi ama-CD ezingoma zakhe kanye nokuqoshwa kwe-Live Music Concerts, i-African Music Festival ngo-1989, i-albhamu i-Babemu 1993, i-M.E.L.T. I-Outernational Meltdown Live Music Concert ebiseLondon 2000, i-albhamu ye-Urban Zulu 2000, Ingoma yakhe ethi ‘We baba Omncane’ yakhethwa yi-Adidas ngomkhankaso wabo wokukhangisa umhlaba wonke ngo-2001 nange-EMI’s Football World Cup, Freedom 2003 albhamu. UBusi ubenandisa kwi-Africa 95 Gala Concert e-London.
UBusi wazuza i-Kora Award ye-Best African Pop Album, kanye ne- SAMA Award ye-Best Adult Contemporary Album (Africa), Best Female Artist. Wedlula emhlabeni ngoJuni 2010.